Joseph Chirume
Izakhamuzi zaseNelson Mandela Bay zingase zibheke eminye iminyaka emihlanu yezinhlekelele uma lokhu okwenzeka emhlanganweni womkhandlu wanamuhla kuwukuhlola ukusebenza kwekusasa likamasipala.
Kuqubuke uqhekeko phakathi kwamakhansela e-ANC nalawo e-DA namanye amaqembu amancane ngemuva kokuthi ibamba lomphathi wedolobha, u-Anele Qaba, ehlehlise umhlangano womkhandlu ukuba ube ngoMsombuluko.
Lokhu kungemuva kokuthi uNgqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu e-Eastern Cape (i-Cogta), uXolile Nqatha ebhale incwadi eyala uQaba ukuthi ahlehlise umhlangano ngoba isikhathi sakhe sesiphelile.
UNqatha uthe uQaba uqokwe umkhandlu ukuthi abambe njengomphathi kamasipala izinyanga ezintathu ezaphela mhla ziyisikhombisa kuMfumfu.
“Ekupheleni kwesikhathi sakhe sokuba imeya yesigungu uNqaba Bhanga welule isikhathi sokuqokwa kwakhe njengebamba ngaphandle kwesinqumo somkhandlu,” kusho uNqatha.
“Ukuqokwa kwebamba lomphathi kamasipala kungamandla omkhandlu kamasipala kuphela.”
UMkhuseli Jack we-Abantu Integrity Movement uthe kuyadumaza lokhu.
“Besicabanga ukuthi i-ANC izogqugquzela ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu futhi ilethe uzinzo kuMasipala. Lesi siqalo siyaphazamisa,” kusho uJack.
UQaba uthe lesi sinqumo sithathwe ngemuva kokuxoxisana nabakwa-Cogta.
“Kuyisinqumo esinamasu. Akusona isinqumo esisemthethweni, kodwa lokhu ukuqinisekisa ukuthi lezi zinhlaka zombili zikahulumeni azixabani,” kusho uQaba.
Obeyiphini lemeya, uLuxolo Namette we-UDM uthe i-UDM ifuna umhlangano uqhubeke.
“Izakhamuzi zase-NMBM zilinde isikhathi eside ukuthi zilethelwe izidingo. Indawo ebizwa ngokuthi iKwaNobuhle ayinagesi. Abahlali base-Motherwell abanawo amanzi. Sifuna umhlangano uqhubeke,” kuchaza uLuxolo.
Amaqembu epolitiki athi ngoLwesithathu ami ngomumo ukuqhubeka nomhlangano, kanti i-DA ithole ukwesekwa kwamanye amaqembu ukuze akhe umfelandawonye.