Lubhalwe nguMichael Madyira
I-Kaizer Chiefs ayikamethuli ngokusemthethweni uNasreddine Nabi njengomqeqeshi wayo omusha, kodwa leli qembu limatasatasa ngokudedela nokudayisa abadlali.
Ekuqaleni kwaleli sonto iqembu lase-Soweto lidedele abadlali abane abadala okunguKeagan Dolly, uSifiso Hlanti, uSiyethemba Sithebe kanye noNjabulo Ngcobo.
Lokhu kuqubule imibuzo ngokuthi ngubani obhekene nalezi zinqumo zokudayiselana ngabadlali ekubeni uNabi esamatasa neqembu lase-Morocco, i-As Far Rabat, elifinyelele kowamanqamu we-Trone Cup.
Eqenjini ebelilokhu lenza iphutha lokushintshana ngabadlali kumasizini adlule, lokhu kungase kukhathaze abalandeli be-Chiefs abalambele impumelelo.
Kumasizini amabili edlule leli qembu lase-Soweto lihlukane nabadlali abafana noDaniel Cardoso, uLeonardo Castro, uSamir Nurkovic kanye nonozinti uDaniel Akpeyi.
Kubukeka sengathi i-Chiefs iphinda amaphutha ngokudedela uDolly, uHlanti kanye noSithebe abanamava.
Ukukhombisa ukuthi uNabi akasalele emuva ngokwenzekayo, i-ejenti kaHlanti, uSizwe Ntshangase uthe i-Chiefs imazise ukuthi ilinde umqeqeshi wase-Tunisia ukuthi ahlole lo umdlali wasemuva.
Kodwa okumthusile ukuthi lo mdlali odlala emuva utshelwe ukuthi akasadingeki eNaturena.
Eminyakeni edlule kuke kwagxekwa abaphathi be-Chiefs ngezinsolo zokuthi balindisa abadlali ngelokuthi kulindwe abaqeqeshi.
Uma kwenzeka lokhu, leli qembu lase-Soweto lingase likhohlwe ukuphonsela inselelo iMamelodi Sundowns esicocweni se-Premier Soccer League.
Njengokulindelekile, uNabi bekufanele ngabe usewuqalile umsebenzi kwi-Chiefs esiqalile ukuzilolonga ngaphambi kwesizini.
Ukungabi khona kwalo mqeqeshi kusho ukuthi i-Chiefs ingase ingakwazi ukuhlela kahle isizini ezayo mayelana nezinto ezidingekayo kanye nohlelo lokudlala.
Esithombeni esingenhla: Umdlali wasemuva we-Golden Arrows uThemba Mantshiyane uphonsela inselelo owayeyisihlabani seKaizer Chiefs uKeagan Dolly.
Umthombo wesithombe: Kaizer Chiefs
