Linda Ximba
I-Royal AM ne-Sekhukhune United omabili la maqembu azimemezele ukuba angabanqobi be-GladAfrica Championship ngemuva kokuqeda isizini ngempelasonto.
Kodwa-ke, i-PSL inyakaze ngokushesha yakhipha isitatimende ithi ngeke ikwazi ukumemezela i-Royal AM njengompetha ngoba udaba lwe-Sekhukhune ne-Polokwane City lusazolungiswa.
I-Sekhukhune inikezwe amaphuzu amathathu ngemuva kokuthi ikomidi lokuqondiswa kwezigwegwe le-PSL likhiphe isinqumo esivuna bona, lathola i-Polokwane inecala lokwephula incwadi ye-PSL ngokwehluleka ukuthobela umthetho ka-Under 23.
I-PSL isiphikisile isinqumo sokulamula kanti udaba selusenkantolo manje.
Womabili amaqembu aseqalile ukuzilungiselela impilo kwi-DStv Premiership.
Isikhulu se-Royal AM uSinky Mnisi uthe abazihluphi ngezinkinga zase-boardroom.
“Asinandaba nokuthi kwenzekani noma inkantolo ingavuna i-Sekhukhune. Sengiqale ngokuzimisela ukulungiselela i-Premiership ngokukhomba abadlali abazothuthukisa iqembu lethu. Sisebenze kanzima futhi sifanele ukuba ngompetha,” esho.
Isikhulu se-Sekhukhune uLuxolo Matinkica uthe: “Ngokwazi kwethu singompetha kodwa ake sibheke ukuthi lolu daba luzohamba kanjani enkantolo.”
Kucatshangelwa ukuthi lolu daba lungahle ludonse luze luphelele eNkantolo Yezokulamula.
Umthombo wesithombe: @RoyalAM