Kuningi osekwenzekile selokhu kuqale isizini entsha

Menzi Magubane

Isizini isanda kuqala, kodwa sekunamaqembu amathathu ahlukene nabaqeqeshi bawo kanti abanye basulile  ezikhundleni zabo.

I-Marumo Gallants ikuqinisekisile ukubuya kukaDan Malesela njengomqeqeshi wabo ngemuva kokuhlukana naye ngoNhlangulana.

Khonamanjalo i-Moroka Swallows ikuqinisekisile ukuxosha uDylan Kerr ngemuva kokuthelwa ngehlazo ngamagoli amane eqandeni bebhekene ne-Golden Arrows ngoMgqibelo.

I-Gallants yase-Limpopo ibingenaye umqeqeshi ngemuva kokuthi umqeqeshi wase-France uRomain Folz esule ekuqaleni kwenyanga.

Ngemuva kokuthi lo mqeqeshi ezame ukushiya isikhundla sakhe, uSihlalo we-Gallants uDitonkana Sello uthe bayayinqaba incwadi kaFolz yokwesula.

NgoLwesibili nokho uSello ukhiphe isitatimende eqinisekisa ukubuya kukaMalesela nokushiya kukaFolz.

“Indima ijwayelekile kuMalesela. Uhole i-Gallants njengomqeqeshi ngaphambi kokuphela kwenkontileka yakhe ekuqaleni konyaka,” kusho uSello esitatimendeni.

USello uthe uMalesela uzoqala ukusebenza ngoLwesibili.

“Ngemuva kokuxoxisana kuthathwe isinqumo sokumamukela emndenini we-Marumo Gallants. Imidlalo ezayo siyibheke ngabomvu futhi sinombono omuhle,” kusho uSello.

UMalesela ubuyele ku-Gallants ngemuva kwesonto esule kwi-Royal AM. Ukubuya kwakhe kuthuse abaningi ngemuva kokuthi eshiye iqembu lingenzi kahle ekupheleni kwesizini edlule.

Ushiye i-Gallants ekhononda ngokugxambukela kwabaphathi ngesikhathi eqala ishumi nanye, okuyisizathu esifanayo esenza ukuthi uFolz asule.

Khonamanjalo, i-Swallows ishaywe ngamagoli amane eqandeni okuyishiya endaweni ka-14 ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalombili okuholele ekuxoshweni kukaKerr.

UKerr osize i-Swallows yagwema ukuba sezansi kwetafula ngesizini edlule uqale umkhankaso omusha edonsa isigwebo semidlalo emibili.

UMusa Nyatama nguyena osebhentshini njengomdlali noma njengomqeqeshi. 

UNyatama kungenzeka aqhubeke nokuba ngumqeqeshi obambile ngesikhathi i-Swallows ifuna azovala isikhala sakhe.

Isizini isaqala kanti vele amaqembu amathathu asexoshe abaqeqeshi kwathi abanye abaqeqeshi basula ezikhundleni zabo.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva