Kuningi okwenzeka kuleli esikushaya indiva

Thabiso Sekhula

Kungani amalokishi ethu engenazo izindawo lapho izingane zizozizwa ziphephile khona. 

Wonke amakhona akuleli kulezi nsuku abantu bakhuluma ngokushona kabuhlungu kwezingane ezingu-21 e-Scenery Park, abantu bagxeka abazali bazo ngokuba budedengu kanti abanye bagxeka zona izingane ngokuya endaweni yokucima ukoma.

Kube impelasonto ebuhlungu ukubona izingane ezineminyaka engu-14 zishona ngendlela enyantisayo.

Lezi zingane bezingazi ukuthi ukushona kwazo kuzoba ihlazo elingaka kubazali bazo nasemiphakathini kanti noma sekwenzeke isigemegeme esinjena abantu bayagxeka futhi baqalekisa amagama azo sengathi lokhu akusoze kwenzeka kithina.

Uma uselokishini noma esigodini sangakini kukancane ukubona izindawo noma ezimbili ezakhelwe izingane ukuthi zidlale imidlalo, zifunde ngamakhono azo, zichithe isikhathi nontanga endaweni ephephile okungekho khona utshwala kanye nabantu abazizingelayo mihla namalanga.

Lokhu akwenzeki ezinganeni ezihluphekayo kuphela kodwa kumele sigxeke izindawo zotshwala ezibadayiselayo ziphinde zibathathe njengama -VIP, kodwa abantu bakushaya indiva lokho bagxeka ubugebengu osebudlangile ezweni.”

Uma ufuna ukuqhubeka nokusola izingane khumbula ukuthi sonke sikhule singazilaleli iziyalo zabazali kwesinye isikhathi noma abanye bethu bekhulele kubazali ebelingafakwa kubo, kodwa besihlupha khona kunjalo. Sinenhlanhla yokubuya emakhaya  siphila kanti amaphutha ethu asenze sakhula sabona umhlaba ngenye indlela.

Emiphakathini eminingi kunamathaveni angaphezu kwamahlanu avumela izingane ukuthi zingene futhi ziphuze ngoba ziletha imali, njengoba lokhu okwenzekile kungaqali. Kungani uMzansi wethuka kangaka? Ekubeni abaningi bebuka ikusasa lezingane zabo lishabalala!

Intsha isemakhoneni emigwaqo idlala amadayisi, amantombazane alandwa abesilisa abadlala ngezimoto emagcekeni impela elakuleli alisaphephile kuyo yonke indawo.

Izingane ziyohlezi ziyizingane kanti laba abangu-21 babe neshwa lokuthi izimpilo zabo zinqanyulwe isinqumo esibi abasithathile.

Okuthusayo ukuthi lokhu angeke kube yinto yokugcina eshaqisayo eyenzeka entsheni yasemalokishini nasezigodini zethu kule nyanga!

Izihloko zakamuva