
Menzi Magubane
UMengameli we-Cameroon Football Federation (i-FECAFOOT) uSamuel Eto’o useguqule impilo yabadlali bebhola abakhokhelwayo kuleli waqinisekisa ukuthi amaqembu abo abaholela iholo eligcwele.
Amaqembu ase-Cameroon awazange ajeziswe i-FECAFOOT ngalokhu kodwa ngesikhathi u-Eto’o ethatha izintambo ngoZibandlela ngonyaka ka-2021 wakuqeda konke lokho.
Manje amaqembu azophuthelwa imali yesibonelelo sikahulumeni yanyanga zonke uma ehluleka ukukhokhela abadlali.
“Imiholo yabadlali isiyaziwa noma imuphi uMengameli weqembu ongabakhokheli abadlali ngeke esaluthola uxhaso,” kusho u-Eto’o engxoxweni yakamuva.
“Abadlali ngibanika igunya lokuthi bamangalele amaqembu angakhokhi kanti i-FECAFOOT izobakhokhela ngqo emixhasweni yeqembu ehlomule kuwo. Ngizele ukuzoqondisa izinto angikhulumi ngiyenza,” kusho u-Eto.
Lokhu into izinhlangano zebhola zase-Afrika ezingafunda kukho.
Kungani abanye bengakwazi ukwenza lokhu? Ngisho i-Safa ne-Premier Soccer League (i-PSL) bangahlomula kulokhu bagweme ukungcoliswa isithunzi amaqembu abo uma behluleka ukukhokhela abadlali babo.
I-PSL ikhokha izibonelelo zanyanga zonke kuwo wonke amaqembu aku-DStv Premiership imali engu-R2.5 million ne-GladAfrica Championship imali engu-R500,000.
Futhi akusho ukuthi wonke umdlali ongaphansi kwe-Safa wakhokhelwa ngendlela efanele ngoMasingana nyakenye i-Tshakhuma Tsha Madzivhandila (i-TTM) yadonsa amehlo e-SA Football Players’ Union (i-Safpu).
I-TTM yahluleka ukukhokhela abadlali imiholo base bebhikisha okwaze kwangenelela i-Safpu yaphoqa umnikazi weqembu uLawrence Mulaudzi ukuthi akhokhele abadlali.
UMulaudzi owathenga i-Bidvest Wits kwi-PSL ngoNhlangulana ngo-2020 izinkinga zakhe zezimali zaqala ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa okwabangela ukuthi abadlali abafana noLerato Lamola, uMogakolodi Ngele, uJustin Shong no-Edgar Manaka baphuthelwe ukuzilolonga ngenxa yemibhikisho yokungakhokhelwa.
NgoNhlangulana nyakenye uMulaudzi wanikela ngeqembu lakhe walidayisela u-Abram Sello owaliqamba kabusha ngokuthi i-Marumo Gallants.
I-Swallows FC nayo ibe nezinkinga zezimali ngonyaka odlule. NgoZibandlela ibhekane nezinkinga zezimali ezishiye idlanzana labadlali lingagculisekile futhi baphuthelwa ukuzilolonga ngenxa yomholo wabo kaZibandlela owakhokhwa sekudlule isikhathi.
Abadlali abayisishiyagalolunye bakhokhelwe sekudlule isikhathi kanti abanye babo abazange bazilolonge ngoMasingana nangoNhlolanja kulonyaka. I-Safpu ibibambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi laba badlali bayayithola imiholo.
Uma i-Safa ne-PSL bengafunda ku-Eto’o isithunzi sezwe singasinda njengoba lokhu kufaka nezinye izinhlaka zakuleli.