Kuningi okulindelwe kwelakuleli lomnqakiswano

Lubhalwe nguRazeen Gutta

AmaProteas ayazi ukuthi azodinga ukuba sefomini enhle emdlalweni wawo njengoba izwe lizilungiselela ukusingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lomnqakiswano ezoqala ezinsukwini eziyishumi nje kuphela.

Elakuleli liku-Pool C ne-Wales, i-Jamaica ne-Sri Lanka futhi lizoqala umkhankaso walo emdlalweni wokuvula libhekene ne-Wales ngomhlaka-28 kuNtulikazi.

Njengoba iKapa izilungiselela, umdlali wasemuva wamaProteas uPhumza Maweni uvumile ukuthi kunengcindezi kubadlali.

“Kunengcindezi ngoba kusobala ukuthi sisekhaya ngakho kufanele senze kahle futhi kuningi okulindelwe kithina,” kusho uMaweni etshela i-News24.

“Siyakwazi lokho futhi sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi sibonisa umdlalo womnqakiswalo onekhono elingcono kakhulu phambi kwezihlwele.”

“Kufanele sidlale siphinde sihlaziye umdlalo nomdlalo ukuze sibone ukuthi yini esingayenza kangcono njengeqembu.”

“Uma sindawonye kuba umzuzu okhethekile nomoya owodwa. Uma sike sakhuluma futhi sabonana ingcindezi izoba kancane ngoba sizokhulisana.”

UMaweni oyilungu elidala kunawo wonke eqenjini ujabulela ithuba lokudlala phambi kwabangani bakhe nomndeni.

“Lokhu kukhulu futhi kuyangijabulisa ukudlala phambi komndeni wami ikakhulukazi indodana yami. Ngemuva kokubona igama lami ngaba nemizwa egxubile ngoba ngiyazi ukuthi ngivelaphi nohambo lwami lokufika lapha. Bekuyinto ebengihlezi ngiyifisa ukudlala phambi komndeni wami,” engeza.

“Wonke umsebenzi onzima engiwenze enkundleni kudingeke ukuthi ngifake okwengeziwe ngenxa yeminyaka yami. Ngijabule kakhulu.”

Esithombeni esingenhla: UPhumza Maweni Umthombo wesithombe: @netball_sa

Izihloko zakamuva