Thabiso Sekhula
Sonke besizizwa singenamandla eminyakeni embalwa edlule futhi ngezinye izikhathi kuzwakala sengathi ukuhlupheka akupheli.
Kodwa ukukholelwa entweni kusisiza nasezikhathini ezinzima kakhulu kanti izenzo ezincane kakhulu zingaholela kwimiphumela emangalisayo kakhulu.
Esigodini sangakithi intsha eqede isikole, kodwa yangakwazi ukuya enyuvesi ngenxa yezinselele eziningi isiza ngokufundisa izingane ezincane. Intsha isithole indlela yokwenza imali ngesikhathi isalinde ukufaka ama-CV ayo.
Izingane ezifana nalezi zikhula zibe osomabhizinisi abadumile njengomsunguli wezicathulo ze-Drip u-Lekau Sehoana.
Esikhathini esinzima esidlula kuso leli lizwe likwazile ukukhiqiza izindaba ezikhuthazayo zethemba nokubekezela. Lo wesilisa oneminyaka engu-33 ubudala wase-Ivory Park ukhuluma ngokukhula kwakhe kusukela bekhula behlupheka ekubeni ngumnikazi wenkampani ebekwe ohlwini lwemikhiqizo emikhulu e-Afrika yonkana, unezitolo ezicishe zibe ngu-20 ezweni lonke nabasebenzi abangaphezu kwekhulu.
Kanti emaphandleni ase-Sekhukhune e-Limpopo umama nendodakazi ababili baphendule ukwenziwa kwetiye lendabuko kwaba ibhizinisi elikhulu elilethe impilo entsha etiyeni nasembonini yezokuvakasha endaweni.
Bakhela umphakathi amathuba emisebenzi futhi lokhu bazokudlulisela esizukulwaneni ngezizukulwane. Futhi eminyakeni embalwa bakwazile ukuyisa isiko lesi-Pedi emhlabeni wonke, bekhombisa uhlobo lwabo lwetiye kwezokuvakasha futhi ungakwazi ukuthola itiye labo ezitolo ezinkulu ezweni lonke.
Uma ubheka abantu abaphumelele, kulula ukungabaza ukuthi ungaba nempumelelo efanayo, kodwa enye into ubhubhane olusikhombise yona ngezinkundla zokuxhumana ukuthi wonke umuntu angaba nayo impumelelo.
Futhi nginesiqiniseko sokuthi sonke sinamakhono akhethekile kanye namakhono angasenza sidume umhlaba wonke.
UKhanyisa Jaceni ubeyintombazane enephimbo eliyingqayizivele namahlaya ahlekisayo eminyakeni emibili edlule. Futhi izwi lakhe limenze wakhipha izingoma ezishisa izikhotha ezinamaciko amakhulu ezweni. Uqokwe kuma-South African Music Awards (SAMAs) ngokuba isihlabani se-inthanethi konke lokhu ukwenze ngokuzimisela ngaphandle kokusaba.
Kuyacaca ukuthi akekho ozosisiza kulokhu ngakho kumele sifundisane lapho esingakwazi khona sizame nokusekela amabhizinisi amancane ukuze aphumelele.
Masiguqule wonke umuntu afane noLekau Sehoane.
Sukuma lapho okhona ngoba kungenzeka mhlampe uyimpendulo yamaphupho abantu abaningi. Vele uqale manje ukwakha impumelelo yakho futhi sebenzisa ivoti lakho ngendlela efanele!