Lubhalwe nguRazeen Gutta
Njengenjwayelo lesi isikhathi esihle kakhulu sonyaka, kodwa okuhlukile kulo nyaka ukuthi okokuqala ngqa ngiyilungu eliphelele lomndeni we-Scrolla.Africa.
Kimina amaholide ahlale emayelana nokuchitha isikhathi nomndeni. Esijwayele ukukwenza nomndeni wami endaweni yangakithi e-Mafikeng, njalo ngoZibandlela ngizibukela amafilimu kaKhisimusi sibuye sishise nenyama eduze kwendawo yokubhukuda siphinde sijabulele ukubuka iziqhumane uma singena onyakeni omusha.
Njengoba lo nyaka ka-2022 usuzofika emaphethelweni isikhathi samaholide sesifikile futhi ngithemba ukuthi ngizokwenza okufanayo nakulokhu.
Njengoba ukucishwa kukagesi kukhathaza lonke elakuleli kulo nyaka, abanye bakhethe ukuhamba uma sekuyisikhathi sokucishwa kukagesi kanti abanye kudingeke bashintshe izinhlelo zabo.
Kimina ngisenethemba lokuthi izinto zizoba lula futhi amaholidi aletha injabulo kuwo wonke umuntu yonke indawo.
INdebe Yomhlaba ye-Fifa ebise-Qatar esanda kuphela ingikhathaze kakhulu njengombhali wezemidlalo njengobabekumele ngihlezi ngiyibheke ngabomvu le midlalo obekuthatha isikhathi sami sonke.
I-Premier League ngiyibona iyingxenye enkulu yomgubho wamaholide. Ikakhulukazi njengoba ihlelelwe ukuqala nge-Reconcilation Day ngomhlaka 26 Disemba ngemuva kwekhefu lenyanga.
INdebe Yomhlaba ibimnandi kakhulu, kodwa njengomlandeli we-Liverpool oshisekayo ngibheke ngabomvu ukubuka ibhola leqembu engilithandayo.
Kubo bonke abafunda izindaba zethu ngithemba ukuthi izinqumo zenu zonyaka omusha zizofezeka futhi nginifisela amaholidi amahle kakhulu.
Isithombe esingenhla: ngesikaRazeen Gutta
Umthombo wesithombe: @razeengutta