Kuningi amaqembu okumele akufunde kwi-Downs

Menzi Magubane

Iningi lamaqembu e-Premier Soccer League (PSL) abukeka engayijwayele inkulumo ethi “i-Rome ayizange yakhiwe ngosuku olulodwa”.

Kule sizini abaqeqeshi abayisikhombisa baxoshwe ngenxa yokuthi abaphathi bamaqembu abakwazi ukuba nesineke nokuthembeka.

Lokhu kukhombisa ukuthi amaqembu awaqondi ukuthi ukuhlulwa kuyingxenye yomdlalo. Okufike kwethusa kakhulu ukuthi kunamaqembu amakhulu aseNingizimu Afrika afana ne-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nawo enze lo mkhuba.

Kufanele bazi kangcono ikakhulukazi njengoba sekunesikhathi bebusa ibhola laseNingizimu Afrika futhi kufanele babe isibonelo. Kodwa manje njengoba izinto zingahambi kahle sebefana nezimfundamakhwela.

I-Pirates ixoshe uJosef Zinnbauer ekuqaleni kwesizini. Lo mqeqeshi wase-Germany uhlale iminyaka engaphansi kwemibili waze wabanika isiliva ngonyaka ka-2020 okuyinto amaBhakabhaka ayigcina ngo-2014.

I-Chiefs ilandele ngokuxosha uStuart Baxter ngenyanga edlule ngemuva kokumqasha ngaphambi kokuqala kwesizini. UBaxter ungumqeqeshi wokugcina ukunqoba izindebe naMakhosi kanti lokho kwenzeka ngo-2015.

Kubukeka sengathi i-Mamelodi Sundowns isazoqhubeka nokubusa ebholeni laseNingizimu Afrika iminyaka eminingi ezayo futhi ayifani nalabo abaziwa njenge zinkunzi zase-Soweto.

Usihlalo omusha weqembu uTlhopie Motsepe kanye nebhodi lakhe lokuphatha bebelokhu bekhombisa ukuthi bayabethemba abaqeqeshi abakanye nabo uManqoba Mngqithi, uRulani Mokwena noSteve Komphela. Laba abathathu banqobe iligi kabili kulandelana, kumanje  kungenzeka banqobe i-treble.

I-Sundowns iyona ephethe ibhola laseNingizimu Afrika kusukela uPatrice Motsepe ethatha ubunikazi baleli qembu kuNatasha no-Angelo Tshicklas ngo-2004.

Akukhona nje ukuthi banamandla abalulekile eNingizimu Afrika kodwa bayiqembu elikhulu ebholeni nasezwekazi.

Banqobe okokuqala indebe ye-CAF Champions League ngo-2016 nobuholi bukaMosimane, uMngqithi noMokwena.

Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi amanye amaqembu afunde isifundo kwi-Sundowns ngokwenza izinto ngendlela.

Izihloko zakamuva