Kuningi adlula kukho uSiya Kolisi njengoba esengukaputeni ovelele weqembu lebhola lombhoxo

Dylan Bettencourt

Njengoba ethandwa yibo bonke abantu, uSiya Kolisi ube ngumuntu obalulekile hhayi emidlalweni kuphela, kodwa uyisibonelo esihle ebafaneni kanye namantombazane eNingizimu Afrika. 

Noma kunjalo, uhambo lokuba ukaputeni wamabhokobhoko belungelula. UKolisi uphuma ebunzimeni obufaka uphuzo oludakayo, izidakamizwa, ukulahlekelwa, ukuhlukunyezwa kanye nokunye. 

Uhambo lwakhe lusuka kude njengoba simbona eseyiqhawe njengowesilisa wokuqala omnyama ongukaputeni wamabhokobhoko, kodwa lolu hambo belungelula neze, njengoba kubhaliwe kumlando wakhe osanda kuphuma. 

“Asike sithi ngingumuntu oyisibonelo komunye umuntu. Ingane izocabanga ukuthi: “ngifisa ukuba njengawe ngelinye ilanga.’ Kodwa akazi ubunzima engiphuma kubona nobunzima esengike ngabhekana nabo. Akekho omtshelayo ukuthi kuzoba nezilingo ezifana – notshwala, kanye nezidakamizwa ngoba zonke lezi zinto ungakwazi ukuzithola kalula,” kusho uKolisi etshela i-Guardian. Kwesinye isikhathi uKolisi ubezithola esethanda ucansi noma azithole endaweni lapho kudayiswa khona umzimba. 

Ukukhulela elokishini laseZwide, e-Gqeberha, uKolisi kwesinye isikhathi wayebuye angabi nakho okuya ethunjini njengoba kwakumele acele komakhelwane ababemvumela asebenze ukuze bezomholela kuhlonipheke isithunzi somndeni wakhe. 

Lo mdlali oneminyaka engama-30 unabantu abaningi ababalulekile empilweni yakhe, ikakhulukazi ugogo wakhe ambongayo ngokumenza abe ile ndoda ayiyo namhlanje. 

“Kunzima ukucabanga okunye osekwenzeka. Ngiyakhumbula kushona ugogo wami futhi washonela ezandleni zami. Besisondelene kakhulu, futhi cishe ngangineminyaka engaphansi kweyishumi. 

“Kodwa lokhu kunobuhle phakathi. Ngingumuntu enginguye Ngiwulomuntu enguyena namhlanje ingenxa youkuzikhandla kwakhe enzela ezikhandlela mina, futhi ngiyajabula ukuthi yimina engagcina ukumbamba ngesikhathi eshona. Ngibona ubuhle bodwa kulokhu.”

UKolisi uyakhumbula ebuka isithombe sikamama wakhe waphatheka kabi kakhulu ngoba wayengafani nowesifazane ayemkhumbula. 

“Angikaze ngibubone ubuhle bakhe ngoba wayethandana namadoda ayemushaya, ngesikhathi eshona wayenezibazi ebusweni.”

Ukuphuza nokubhema uphethiloli eneminyaka engaphansi kweyi-10 kwaba yinto ayaziyo ngoba wayezwana nabantu ababhedayo. Kodwa ngesikhathi ehlangana nomqeqeshi wakhe wokuqala webhola lombhoxo u-Eric Songwiqi eqenjini laselokishini i-African Bombers, yashintsha impilo yakhe ngoba wamsindisa wamkhipha obishini oluyingozi. 

Umqeqeshi wakhe wahlela ukuba abafana bathole umfundazwe, waya ukuyofunda kofunda e-Grey School lapho afike athola khona ukuhlukumezeka ngoba wayengasazi isingisi.

“Kwakunzima kuphinde kube yihlazo. Ngangizizwa ngiyisilima ngangifisea ukubaleka ngingazibandakanyi nabanye ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukukhuluma isingisi. Kodwa ngibakhonzile abantu kangangokuba ngaqala ngapatanisa ngakhuluma isingisi ngipatanisa. Babengihleka kodwa ngaqhubeka.”

UKolisi wathola umkomelo wokuba umdlali ophume phambili emdlalweni wangonyaka wezi-2015 webhola lombhoxo, ngesikhathi bebhekene ne-Scotland lapho iNingizimu Afrika yawina ngo-30-17. Ikusasa lakhe libukeka liqhakazile. 

Noma kunjalo uKolisi wake waba nenkinga ngonyaka wezi-2015 ngendebe yomhlaba yebhola lombhoxo ngesikhathi ehlaliswe ebhentshini isikhathi eside wagcina eseqala ukuphuza ukuze angakunaki okwenzekayo.

UKolisi wayephephela kuphuzo oludakayo ukuze afihle ubuhlungu adlula kubkho: “impela bengiphuza uma ngijabulile, noma ngiphatheke kambi, noma kukhona engibhekene nakho. Ukuphuza ikhona engangikwazi futhi ngangicabanga ukuthi kuyangisiza ngingazizwa izinhlungu”.

Ngemuva kokufunda ukuthi kuyenzeka uphatheke kabi ube buthaka, kodwa kumele ube nendlela yokubhekana nakho, uKolisi wahola iqembu lakhe ngesikhathi sendebe yomhlaba ngonyaka wezi-2019 wangena emabhukwini omlando njengoba ubengukaputeni wokuqala omnyama wamabhokobhoko futhi engukaputeni wokuqala omnyama oseke wawina indebe yomhlaba. 

Umthombo wesithombe: @CNN

Izihloko zakamuva