Kunhlanga zimuka nomoya ngophenyo lokuthunjwa kwezelamani zakwaMoti

Dylan Bettencourt

Kubikwa ukuthi umndeni wakwaMoti usuthuthele e-Dubai ngemuva kokungatholakali kobufakazi obanele ophenyweni lwamaphoyisa mayelana nokuthunjwa kwezelamani ezine okwenzeka ngoMfumfu nyakenye – lokhu kwenza leli cala kubonakale engathi lizophelela emoyeni. 

Lokhu kuza ngemuva kokuthi amaphoyisa ombutho iSouth African Police Service (i-SAPS) eqinisekise ukuthi ubaba wezelamani wavimba abakwasidlodlo ukuba bakhulume nezingane.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda uthe “Ngesikhathi kutholakala lezi zelamani kwadingeka ukuthi amaphoyisa azithathe aziyise esikhungweni lapho zazizohlolwa khona ukuthi ziphilile yini ngokwengqondo”.

“Kodwa singazelelwe savinjwa ubaba walezi zelamani owasiyalela ukuthi singasondeli eduze kwezingane zakhe. Asikwazi ukuxhumana nabo noma sixoxe nanoma yiliphi ilungu lomndeni.”

Imithombo esondelene nomndeni wakwaMoti ithe izingane zahlukumezeka kakhulu ngemuva kokuthunjwa kanti ukuphekwa ngemibuzo ngamaphoyisa kuzokwenza isimo sibe sibi kakhulu.

Imibiko iveza ukuthi icala lokuthumba lamukelwa ngaphansi kwemibandela ye-ex-parte, okusho ukuthi amaphoyisa ayengekho ngesikhathi kwethulwa leli cala futhi ebengenalo ithuba lokuphikisa lokhu ngokusho kwe- eNCA.

Izinkomba zithi leli cala lingahle lingaqhubeki ngemuva komyalelo wenkantolo owaveza lokhu. 

“Ngaphandle kwezitatimende zezisulu nangaphandle kokusekwa umndeni besingeke senze lutho. Sesizwile ukuthi umndeni usuthuthele e-Dubai,” kusho uNetshiunda.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu uBheki Cele uthe leli cala selithathwa njenge lokungasebenzisani namaphoyisa kanye neliphazamisa ukusebenza komthetho. Wengeze ngokuthi amaphoyisa kuzomele alungise izindlela zawo esikhathini esizayo.

Lezi zelamani ezine zathunjwa ngomhlaka-20 kuMfumfu ngesikhathi zilibangise esikoleni  kodwa zatholakala ngomhlaka-11 kuLwezi ngemuva kokudedelwa abathumbi bazo.

Umndeni uziphikile izindaba ezivezwe umbiko zokuthi kwakhokhwa u-R50 million ukuze izingane zibuye ziphephile.

Izihloko zakamuva