Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
- Izakhamizi zihlangane zayokhuculula ikamu lamaphoyisa iDuduza elinuka phu umchamo ngemuva kokulithola lingekho esimweni esihle.
- Owayeyisiboshwa sezombusazwe uthi izitokisi zamaphoyisa zisangcole njengoba zazingcolile ngezikhathi zobandlululo.
Iphunga likuhlangabeza kuqala ekamu lamaphoyisa eDuduza. Iphunga lomchamo ligcwele amaphaseji akade agcina ukukhucululwa lapho izakhamizi ebezikhuhla khona phansi .
OwayenguSomlomo wesiShayamthetho saseGauteng uNtombi Mekgwe uthukile ngesikhathi evakashile. Isimo asificile sivele sambuyisela esikhathini sakudala sobumnyama ngesikhathi sakhe njengesiboshwa sezepolitiki ngaphansi kobandlululo.
“Izindlu zangasese ezitokisini zamaphoyisa zazisabeka. Ngazibuza ukuthi umuntu onjani ongafaka omunye umuntu endaweni enjenga lena noma ngabe ibuphi ubugebengu abenzile,” etshela iScrollla.Africa.

Itafula lamaphoyisa beligcwele ukungcola obekunamathela ngisho ezandleni. Ngaphandle kwebhilidi kwenile.
Ngaphakathi, oyedwa obehlanza ikamu uxakekile ukulihlanza lonke- futhi babengekho ngisho nasemsebenzini ngalolo suku.
UMekgwe akakwazanga ukubekezelela ukubona ikamu lamaphoyisa lendawo likulesi simo. Wathatha izinto zokuhlanza emzini wakhe wacela omakhelwane ukuba bamsize.
“Kudingeke ukuthi ngithathe izinto zokuhlanza endlini yami ukuze ngihlanze, esinye isakhamuzi sanikela ngomshini wokusika utshani thina sanikela ngemali kaphethiloli,” kusho yena.

NgoLwesihlanu, Izakhamizi ebeziwotha ubomvu zimashele ekamu naseCustomer Care Centre zifuna ukunakekelwa okungcono kwezindawo zomphakathi. Badlulisele izikhalo kuKaputeni u-Eva Viagem nasehhovisi lemenenja yesikhungo.
Umphakathi ufuna kulungiswe ucingo lokuvikela eSikhungweni Sokunakekela Abathengi futhi kugundwe notshani ngokushesha.
UMekgwe, osasebenza esiShayamthetho saseGauteng, ubuze ngokusemthethweni imibuzo mayelana nokushoda kwabantu abahlanzayo kanye nezinto zokuhlanza ekamu.
Esithombeni esingenhla: Amalungu omphakathi ehlanza ikamu
Umthombo: Doreen Mokgolo