Doreen Mokgolo
Sekuphele izinyanga iqulu labesifazane abangama-31 abangasebenzi esigodini sase-Madipeleka e-Vryburg bebeka okuncane abebenakho esitokofeleni, benethemba lokuthi bazokhululeka ngokwezimali ekupheleni konyaka.
Kodwa ngesikhathi besahlukaniselana imali eyizi-280,000 zamarandi kungene abesilisa abahlanu abebehlomile bezifihle ubuso ngama-balaclava.
Ilungu lesitokofela u-Eva Pharasi uthe indoda eyodwa ingene isithi “ke nako!” okusho ukuthi yisikhathi.
“Wabe esekhipha isibhamu wasiyalela ukuthi silale phansi ngezisu” kusho u-Eva.
Uthe abesilisa ababili abebephithizela phambi kwabo baqale bathatha imali bayilayisha esikhwameni.
Elinye ilungu lesitokofela uMamsie Telekelo lithe lizamile ukufihla imali eyizi-R10 000 zamarandi abenayo ngaphansi kwasofa, kodwa bambamba.
“Baqhubekile nokukhuthuza ilungu ngalinye base bethatha yonke imali abebenayo,” kusho uTelekelo.
Abasolwa baphinde basebenzisa imoto ka-Eva njengemoto yokubalekela.
U-Eva uthe wafaka yonke imali abenayo esitokofeleni ukuze akwazi ukukhokhela indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa imali yesikole yonyaka wonke kanye nemali yokubhalisa enyuvesi yendodakazi.
“Eminyakeni edlule indlela ebesidlala ngayo kulesi sitokofela sethu ibisisebenzela kahle kakhulu futhi ngakwazi ukunweba nomuzi wami,” kusho u-Eva.
Okhulumela amaphoyisa ase-North West, uSergeant Colonel Amanda Funani, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokugetshengwa nelokudunwa kwemoto.
“Amaphoyisa akwazile ukubopha abasolwa ababili abaneminyaka engama-36 noneminyaka engama-41. Bavele enkantolo yemantshi yase-Kgomotso ngoLwesithathu kanti icala labo lihlehliselwe umhla zingama-24 kuLwezi,” kusho uFunani.