Kungcono ukufika sekwedlule isikhathi kunokungafiki nhlobo. . . UDudu Myeni ufika sekushaye amahora amaningi elindiwe

Lungani Zungu

Kubonakale sengathi umlingani walowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma futhi owayenguSihlalo we-SAA, uDudu Myeni, wayelandela ukuhola kwakhe ngokuziba i-State Capture Commission of Enquiry.

NgoLwesibili, iPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo unikeze uMyeni kwaze kwaba ihora lesibili ntambama ukuthi avele phambi kwakhe kodwa nokho akazange aqhamuke, ethi uncamela ukuvela ngo-Zoom.

Kodwa uZondo ubengayingeni leyo, wathi kunephethini elenziwa ngabathile abangayihloniphi ikhomishini ngamabomu.

UMyeni waxolisa lapho efika ekugcineni.

“Sihlalo, ngiyaxolisa. Bekungeyona inhloso yami ukubukela phansi ikhomishini.”

Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe kwikhomishini, uMyeni uthe isithunzi sakhe sonakalisiwe.

Uthe isono sakhe kuphela ukuthi ubesondelene nowayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

“Ngibizwe njengomuntu okhohlakele kakhulu. Igama lami livezwa njengomuntu ohlulekile ukuphatha i-SAA.”

Uphinde wasola ikhomishini ngokuhudulela igama likaZuma ezindabeni ezingahlangene naye.

Uthe, “Le khomishini iyamthanda uMnu uZuma. Iyamthanda ngempela uMnu uZuma, ngisho nasezindabeni ezingamthinti.”

UMyeni waqokelwa esigungwini sabaqondisi be-SAA ngowezi-2009, okuwunyaka lowo uZuma aba nguMengameli wezwe ngawo.

Eminyakeni emithathu kamuva, uMyeni waqokwa njengosihlalo wenkampani yezindiza.

Ummeli wakhe, uNqabayethu Buthelezi, usole ikhomishini ngokuba nonya kuMyeni.

Kodwa umholi wobufakazi, uKate Hofmeyr, wabuyisela impendulo, encenga uZondo ukuthi kumele avulele uMyeni amacala.

UZuma nguyena ohlonishwa kakhulu emphakathini owaphumela obala wadelela ikhomishini ngemuva kokunqaba ukuvela phambi kwayo.

Usole uZondo ngokuchema naye wathi uZondo azikhiphe kulezo zindaba.

Ukuqhubeka kwakhe nokwenqaba ukuvela phambi kwekhomishini kwenze uZondo wafaka lolu daba e-ConCourt.

UZondo ubefuna uZuma aboshwe iminyaka emibili esikhundleni sokukhokha inhlawulo.

Yize kungenzeka aboshwe, uZuma ubengazanyazanyiswa wanamathela ezibhamini zakhe, wathi ngeke avele kuze kube uZondo uzisusa esikhundleni.

I-ConCourt kusamele ikhiphe isinqumo.

Izihloko zakamuva