Kungase kuqalwe phansi ukuqulwa kwelikaMeyiwa

Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa libhekane nokubambezeleka kanye nezinguquko eziningi – futhi manje lisengcupheni yokuthi liqale phansi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi iJaji uRatha Mokgoatlheng eqokwe ukuthi aphathe leli cala angene esikhundleni seJaji uTshifhiwa Maumela omiswe uMengameli uCyril Ramaphosa.

Ukumiswa kweJaji uMaumela kuphakanyiswe iKhomishini Yemisebenzi Yezobulungiswa (i-JSC) ngenxa yezinsolo zokwehluleka ukwethula izinqumo ebezigodliwe.

Kodwa-ke, i-JSC iphakamise ukuthi amajaji “aphothule zonke izindaba eziphambi kwawo” ngesikhathi sokumiswa.

Ngaphambi kokuthi kuqokwe ijaji elisha icala lokubulawa kukaMeyiwa belibhekane nezingqinamba eziningi.

Ngenyanga edlule ukuqulwa kwecala kuye kwahlehliswa ngenxa yokuthi iJaji uMaumela ubegula futhi ubengeke akwazi ukuba khona kuleli cala ngenxa yesimo sakhe sezempilo.

Ungoti wezomthetho u-Elton Hart uphakamisa ukuthi kubalulekile ukuthi ijaji elisha libheke ukuziphatha kofakazi ngesikhathi sokufakaza kwabo ukuze lihlole ukwethembeka kwabo.

“Ukuqala phansi ukuqulwa kwecala kungase kube inketho engcono kakhulu yokuqinisekisa ubulungiswa kanye nokugwema ukucwasa okungenzeka,” kusho uHart.

Le ndlela izovumela abammeli babasolwa ukuthi baqhathanise ubufakazi bofakazi ngaphansi kweJaji uMaumela nobufakazi babo obusha ngaphansi kweJaji uRatha Mokgoatlheng nokuyinto ezobenza bakwazi ukuhlonza okungelona iqiniso.

Ngaphambi kokuhlehliswa kwakamuva kwecala ofakazi abafana noZandie Khumalo, udadewabo kaSenzo Meyiwa, owayeyintombi kaMeyiwa, uKelly Khumalo base bevele bebuthulile ubufakazi.

UKhumalo uhlonze oyedwa kwabahlanu abasolwa ngaleli cala njengomuntu owadubula.

Abanye ofakazi okuhlanganisa abangani bakaMeyiwa, uTumelo Madlala kanye noMthokozisi Thwala nabo sebeke babethula ubufakazi ecaleni.

Lubhalwe ngumbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: USenzo Meyiwa

Izihloko zakamuva