Kungani umengameli ethule ngodaba lukaDe Ruyter? 

Lubhalwe nguZukile Majova umhleli wezindaba zepolitiki

UMengameli uCyril Ramaphosa ukweleta okukhulu ukubonga kulowo obeyisikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter okhishwe esikhundleni ngoLwesithathu.

Kodwa umengameli akazange azame nakancane ukusiza uDe Ruyter obehlukunyezwa nguNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula nangesikhathi engundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana ebizwa ngokuthi uDe Traitor” njengoba ubesezophuma.

UDe Ruyter wasiza ekuqinisekiseni isithembiso sika-$8.5 billion se-Just Energy Transition Framework esixhaswe ngamazwe athuthukile emhlanganweni we-Cop26.

Lokho kuzibophezela kuzosiza ukufeza isinqumo sikaRamaphosa sokunciphisa ukuthembela kwethu kakhulu emandleni aphehlwa ngamalahle kanye nokudlulela emnothweni engconywana.

UDe Ruyter uveze kuleli sonto ukuthi u-Eskom usetshenziswa ukucekela phansi uhulumeni kaRamaphosa.

Kodwa ngesikhathi ibhodi elisha lakwa-Eskom lithatha isinqumo sokukhomba yena ngomunwe ngodaba lokucishwa kukagesi,  uMengameli akabonakalanga elula isandla sokumsiza.

Sekuqubuke inkulumompikiswano kwelakuleli elibhekene nokunqanyulwa kukagesi ngombono wokuthi uDe Ruyter uxoshwe ngoba ethi u-Eskom usuphenduke isizinda sokuphakela izikhulu zezombusazwe.

UMengameli wathembisa ukuthi labo abadalula inkohlakalo kuhulumeni bazovikeleka.

Esikhundleni salokho bese kusele kuMbalula ukuthi abize uDe Ruyter njengomuntu onobandlululo ozama ukuhlukanisa uKhongolose nohulumeni. Uphinde wathi uDe Ruyter uyisahluleki.

“UMnu de Ruyter waqokwa ngokuthenjwa ukuthi ahole aphinde alethe izinguquko kwa-Eskom.

“Kunalokho ukhombise ukuba isahluleki wanaka udaba olungahlangene nokuqashwa kwakhe.

“Umbuzo othi ngabe inkampani kagesi kazwelonke ingaphansi kukahulumeni noma cha ubungewona ingxenye yenkontileka yakhe.”

Khonamanjalo, uDe Ruyter owasinda ngesikhathi bezama ukumdlisa ushevu ngonyaka odlule, uthe angase alifulathele elakuleli ngoba esabela ukuphepha kwakhe.

Isithombe esingenhla: URamaphosa ukhombise ukwehluleka ukuvikela obeyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom u-Andre de Ruyter

Umthombo: @PresidencyZA

Izihloko zakamuva