Zukile Majova
Zonke izinkomba zikhomba ukuthi lowo ozibiza ngomphrofethi uShepherd Bushiri akakuhlelile ukuthethwa kwamacala akhe eNingizimu Afrika.
Umholi webandla i-Enlightened Christian Gathering Church ubalekele kwelase-Malawi ngemuva kokukhokha ibheyili ka-R400,000 benomkakhe.
Lezi zithandani nabanye abathathu babhekene namacala okukhwabanisa nokushushumbisa imali okususelwa ohlelweni lokutshala imali eyizigidi ezingama-R102.
Izolo uBushiri ukhiphe isitatimende eqinisekisa ukuthi usekhaya lakhe e-Malawi.
Ubuye wenza nohlu lwezimfuno kuhulumeni waseNingizimu Afrika nemibandela azobuyela ngaphansi kwayo ukuzobhekana namacala.
UBushiri uthe, ushushiswe ngaphandle kokuquliswa amacala yiziphathimandla zaseNingizimu Afrika kusukela ngonyaka wezi-2015.
“Njengoba simi lapha, saboshwa ngonyaka wezi-2019 ngezinsolo zokushushumbisa imali kanti sekuyiminyaka emibili manje ngaphandle kokuqulwa kwamacala ngoba uMbuso awukulungele lokho.”
Nazi izimfuno zakhe kanye nokuthi kungani uBushiri ekholelwa ukuthi ngeke athole ukuqulwa kwecala okufanele enkantolo yaseNingizimu Afrika:
- Amacala akhe aphenywa yithimba lamaphoyisa okuthiwa azama ukufumbathisa kuye ngonyaka wezi-2018
- Ufuna ukuvikelwa umbuso imini nobusuku
- Ukuqinisekisa ukuthi ibheyili ngeke ihoxiswe
- Ufuna iqembu lamanje labaphenyi boKlebe lihoxe kulolu phenyo
- Lesi sikhulu esafuna ukufumbathiswa kumele sishushiswe ngezinsolo zokuqola imali kuye
- Amacala abhekene noBushiri nomkakhe kumele aqhubeke kuphela uma sekushushiswe amaphoyisa
- Uhulumeni waseNingizimu Afrika kumele aqoke abaphenyi nabashushisi abazimele nabaqeqeshiwe ngokufanele ukuze bathathe izinqumo ezizimele ngamacala kaBushiri
Ukuhlangabezana nezidingo zakhe, uBushiri ucele “uhulumeni wase-Malawi ukuthi axhumane nohulumeni waseNingizimu Afrika ukuze aqinisekise ukuthi lezi zicelo ezingenhla ziyafezeka”.
“Uma lezi zicelo ezintathu sezihlangatsheziwe futhi senginesiqiniseko sokuthi kuzothethwa icala elinobulungiswa futhi elingathathi hlangothi, ngizimisele ukuziveza ngaphambi komthetho wezobulungiswa waseNingizimu Afrika.”