Lubhalwe nguZukile Majova umhleli wezepolitiki
UNgqongqoshe weziMbiwa Phansi naMandla uGwede Mantashe ugcizelela ukuthi empeleni wenza umsebenzi omuhle nakuba elakuleli libhekane nenkinga enkulu kakhulu kagqamcishi.
UMantashe usolwa ngokugxambukela kwa-Eskom kanye nokubambezela ukukhishwa kwabakhiqizi bamandla abazimele (i-IPP) kanye nokuqaliswa kwe-Just Energy Transition.
UNobhala woMgcinimafa waseMelika uJanet Yellen uhlangane noMantashe ngoMasingana emzamweni wokuqonda ukukhathazeka kwakhe mayelana nokuqaliswa ngokushesha kwe-Just Energy Transition ka-R156 billion kusukela ekuthembeleni kakhulu eziteshini zikagesi eziphehlwa ngamalahle kuya emithonjeni yamandla avuselelekayo.
UMantashe uthi unesandla ekutholeni izixazululo kule nkinga yokucinywa kukagesi – kodwa uthi akusuye okumele anakekele u-Eskom.
“Selokhu kwathi nhlo u-Eskom usemabhizinisini kaHulumeni. Empeleni, sengineminyaka emine nginguNgqongqoshe weziMbiwa Phansi naMandla. Angikaze ngiphathe u-Eskom.
“Manje kungazelelwe sekuyimi okumele awunakekele.”
UMengameli uCyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuthi u-Eskom uzosuka eMnyangweni wezamaBhizinisi kahulumeni uye eMnyangweni kaMantashe.
UMantashe umile kwelokuthi kumele ahlulelwe kuphela ngokusebenza kwakhe emkhakheni wezimbiwa phansi namandla lapho acabanga ukuthi wenza umsebenzi oncomekayo khona.
“Kunokucishwa kukagesi futhi sonke siyasifaka isandla ekutholeni izisombululo zalokho. Uma uMengameli ethi ake sibe nendlela yokuphatha iphrojekthi, sigxile kuyona, ungqongqoshe ozinikele lapho-ke anginankinga nokusebenza ubusuku nemini ngikwenze lokho.
“Futhi uma kufanele ngixoshwe (ngenxa yokucishwa kukagesi nezinkinga zakwa-Eskom) angiboni ukuthi kungani kufanele ngikhonjwe indlela.
“Izimayini zenza kahle. Amandla enza kahle,” etshela i-Newzroom Afrika.
Nguye kanye uMantashe owaqala umnyombo wokuxoshwa kwesikhulu esiphezulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter esola abaphathi bakwa-Eskom “ngokuketula umbuso.”
“Noma yimuphi omunye uhulumeni angaketulwa ngaleli zinga lokucishwa kukagesi. U-Eskom ngokunganaki ukucishwa kukagesi uyabandakanyeka ekuketulweni kombuso. Uma kungalungiswa umbuso uzobe wehluleka ukwenza lokho okufanele ukwenze… Ukucishwa kukagesi kuyaphuthuma; kumele kulungiswe ngokushesha.”
Esinye isono sikaMantashe ukungayethembi kwakhe imithombo yamandla avuselelekayo.
Muva nje ngesonto eledlule uthe izinto ezivuselelekayo zingaletha uzinzo kwigridi kodwa ngeke ziqede ukucishwa kukagesi.
Elandisa iphalamende ngohlelo lukahulumeni lokuthengwa kwempahla nge-IPP, uMantashe uthe ama-IPP angu-89 ezwe akhiqiza amamegawathi angu-6 000 okungaphansi kakhulu komthamo odingekayo wokuqeda ukucishwa kukagesi noma ukuhlinzeka ngogesi othembekile ezimayini nasezimbonini.
Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe weziMbiwa phansi namandla uGwede Mantashe
Umthombo: @GwedeMantashe1