Arthur Greene
Impumelelo yombhalo owine umklomelo we-Oscar kanye nocwaningo lwakamuva oluyingqophamlando, kuhlangane ukufundisa umhlaba ukuthi izimbambela kufuneka sizinakekele ngothando.
NgoMandulo odlule, ubungani obenzeka phakathi komenzi wamafilimu waseKapa obizwa ngoCraig Foster nembambela yasendle bathola ukuthandwa ngababukeli emhlabeni wonke.
Ngenyanga edlule, ucwaningo olushicilelwe ku-iScience luveze ubufakazi obuqine kunabo bonke bokuthi izimbambela zizwa ubuhlungu ngendlela efanayo nezilwane ezincelisayo.
Ukuhlolwa, okuholwa nguRobyn Crook endaweni yakhe yokusebenza e-San Francisco State University eMelika, bekubandakanya ukuvumela imbambela ukuthi ikhethe ukuhlala egumbini elinamabala noma egumbini elinemigqa.
Ube esejova i-acetic acid kancane kwenye yezingalo zembambela egumbini layo elithandayo. Ngakusasa wayivumela ukuba ikhethe ukuthi yiliphi igumbi ezohlala kulo futhi.
Zonke lezi mbambela eziyisikhombisa ezahlolwa zakhetha igumbi ebezingazange zalikhetha phambilini, okukhombisa ukuthi zahlukumezeka ngokozwelo ngenxa yobuhlungu obubangelwe kuzo.
Umcwaningi mayelana ngobuhlungu bezinhlanzi e-University of Gothenburg e-Sweden, uLynne Sneddon, uthi lolu cwaningo “lukhombisa ngokungangabazeki ukuthi [izimbambela] ziyakwazi ukuzwa ubuhlungu.”
NgeSonto ebusuku, abanye babaqondisi uPippa Ehrlich kanye noJames Reed bahlabane ngendondo ye-Academy for Best Documentary Feature for My Octopus Teacher.
Enkulumweni yakhe, u-Ehrlich uthe, “Ngiyazi ukuthi baningi abantu baseNingizimu Afrika abavukile bayabuka njengamanje. Ngezindlela eziningi, le yindaba encane eyadlalwa ngasogwini lolwandle e-Afrika, kodwa ezingeni lomhlaba wonke, futhi ngiyethemba ukuthi yanikeza amazwibela ohlobo lobudlelwano phakathi kwabantu nemvelo yomhlaba.”
Ubuhlakani nobunzima bozwelo lwezimbambela ku-documentary kusekelwe ngokwesayensi ngocwaningo lukaCrook, eqinisa ukusungulwa kwemithetho yenhlalakahle yalezi zilwane.
Kancane kancane umphakathi uyakweseka lokhu noma kwezinye izindawo zisalinywa njengokudla emhlabeni wonke.
Umthombo wesithombe: @mubi