Kungani bengabaningi abadlali abamhlophe emaqenjeni e- Premiership

Dylan Bettencourt

Umqeqeshi weqembu le-Al Ahlyb uPitso Mosimane ubuze ukuthi kungani bembalwa abadlali bebhola abamhlophe abadlala kwi-DStv Premiership.

UMosimane uthe isibalo sabadlali abamhlophe kuligi sehlile eminyakeni edlule, kodwa kukhona azimisele ukukwenza ngalokho. 

Lo mqeqeshi osewine i-CAF Champions League amahlandla amathathu uthe iligi kumele iluphenye lolu daba.

“Kungani abesilisa abamhlophe bengadlali ibhola kwi-PSL ekubeni abesilisa abamhlophe bebaningi kangaka abadlala ibhola,” kubuza uMosimane esithangamini sabezindaba.

“Indodana yami ineminyaka engu-13 idlala nabadlali abamhlophe abanekhono. Ngiyazibuza ukuthi kungani singenabo emaqenjini amakhulu?”

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-57 ubudala wethule uhlelo lwesikole sebhola lezinyawo ekuqaleni kwalo nyaka okuhlelwe ukuthi luqale ngasekupheleni konyaka.

UMosimane uhlela ukusebenzisa lolu hlelo njengendlela yokwandisa isibalo sabadlali abamhlophe kwi-DStv Premiership.

“Ngizama ukuguqula izinto. Angisho ukuthi ngizophumelela, kodwa ngizozama,” kusho lowo owayengumqeqeshi we-Mamelodi Sundowns.

“Abafana abamhlophe abadlala kulezo zikole kumele bangene ngohlelo olusemthethweni oluqondile.”

Iqembu elihamba phambili kuleli belinabadlali  abamhlophe abagqamile eminyakeni edlule abafana noDillon Sheppard, u-Eric Tinkler, uMark Fish, uMatthew Booth, uDean Furman noDaniel Cardoso.

UBradley Grobler usezakhele igama njengomgadli oseqophelweni eliphezulu kwi-SuperSport United kumasizini adlule.

Kodwa abadlali ababili uCardoso noGrobler sebeseduze ukufika esiphethweni sokudlala ezinkundleni kanti abakabi khona abanye abadlali abamhlophe abasebancane abafuna ukungena emaqenjini.

Yize bengebaningi abadlali abamhlophe kumaligi akulelikodwa bakhona abake bazama inhlanhla phesheya.

UDean Furman odumile uke wagijima emaqenjini amaningi kumaligi ase-England ngaphambi kokubuyela kuleli.

Njengamanje uBradley Cross waseNingizimu Afrika uzama ukuzakhela igama e-England. Lo mdlali wasemuva udlalela iqembu lika-Under 23 kwi-Newcastle United.

ULars Veldwijk ungomunye wakuleli odlala phesheya. Lo mgadli oneminyaka engu-30 udlalela i-Suwon yase-South Korea.

Umthombo wesithombe: @HollywoodBetsSportsBlog

Scrolla World Cup Quiz