Kabelo Tlhabanelo
Ngemuva kokuthintwa ngumsunguli weqembu osaphila uVictor Mahatanya, u-Eddie Modise ungusomabhizinisi wesibili ukuzama ukubuyisa iqembu le-Bloemfontein Celtic ku-Premier Soccer League (i-PSL).
UModise uzothola amasheya angama-55% eqembu kanti isikhwama se-trust sizosala namasheya angama-45%, kusho uPule Mabena, ongusihlalo kazwelonke wabaxhasi beqembu.
UPule uthe kade belindele uLebogang Mokoena, naye oseke waveza izinhloso zakhe zokubuyisela iqembu emuva, ukuthi eze ngaphambili azozichaza.
Umhlangano wabalandeli beqembu le-Bloemfontein Celtic ubanjwe ngeSonto ukuze badingide inqubekela phambili kanye nekusasa leqembi enkundleni ebizwa ngeDr Rantlai Petrus Molema endaweni yase-Mangaung.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uLebogang wanikeza abalandeli beqembu le-Celtic amathemba okuthi uzobuyisela iqembu ekhaya. Kodwa akazange agcine izithembiso zakhe.
“Bengilokhu ngifonela uLebogang. Uthe isivumelwano siyaqhubeka ngaze ngahlangana noModise owangitshela ukuthi uMahatanya ubenesifiso sokuthenga iqembu selokhu kwaba unyaka wezi-2017. Ungitshele ukuthi ngesikhathi ezama ukulithenga phambilini wasindwa izinyawo,” kusho uPule.
Umhlangano ububanjwe ikomidi lesikhwama se-trust kanye noModise, kusho uPule.
“Besifuna okuthile okubambekayo kuye futhi usikhombisile uhlelo lwakhe lwezimali waphinde wafuna ukuthi sisayine naye isivumelwano.”
Omunye umlandeli uphakamise umbono wokuthi iqembu alingasuswa e-Bloemfontein.
UPule uvumile waphinde wathi uma ngabe iqembu lifuna ukudayisa amasheya, bazoqale bacabange uzakwabo.
UModise, ozalelwe wakhulela e-Bloemfontein, utshele ikomidi ukuthi ufisa abalandeli ukuba baphathe iqembu.
“Ngiyalithemba ikomidi lesikhwama se-trust. Bekuwumbono omuhle ukuza lapha. Ngithintekile ngendlela abalandeli abangamukele ngayo,” uModise etshela i-Scrolla.Africa.