Lubhalwe nguRazeen Gutta
INingizimu Afrika isingethe iNdebe Yomhlaba Yomnqakiswano yokuqala, kodwa izinto azilula neze. Amathikithi abizayo kanye nezinkulumo mpikiswano zokwahlukana kwezinkundla zokudlala zintshontshe ukugqama komqhudelwano.
Uhlu lwamaSpar Proteas luqubule izingxoxo zokumela ubuhlanga. Abadlali abahamba phambili abafana noBongiwe Msomi noKhanyisa Chawane bakhona ohlwini, nokho iphini likaNgqongqoshe wezeMidlalo uNocawe Mafu ukhathazekile ngokulingana kwesikhathi enkundleni.
“Ngiyakuqonda okushiwo abantu bakuleli futhi uma ubheka isibalo sabadlali abakhona lapha eqenjini, ngiyajabula.
Kodwa uma ubheka izinombolo ngesikhathi esithile enkundleni, kungase kube nokukhathazeka okuthile,” kusho uMafu.
“Le yingxoxo okumele iqhubeke ezweni; yingxoxo okufanele sonke sikhathazeke ngayo. Angisho ukuthi akufanele ubuze le mibuzo. Yingxoxo ebalulekile ngakho-ke, akumele silubukele phansi lolu daba olumayelana nezindaba zenguquko.”
Ukuhlukahluka akuyona kuphela inkinga evimbe abaningi ekujabuleleni umqhudelwano wamazwe ngamazwe njengoba abaningi bekhala ngenani lamathikithi.
Amanani amathikithi asethengisiwe njengamanje asukela ku-R500 kuya ku-R2,500.
Umqondisi womqhudelwano uPriscilla Masisi uwavikele amathikithi abizayo. Imali engenayo uthi, igcina umdlalo uzinzile. Kodwa uMafu uthi intengo ephezulu ibangelwa yizimiso zamazwe ngamazwe.
“Kumele sikuvume ukuthi amathikithi ayabiza kodwa kufanele sikuvume futhi ukuthi le yiNdebe yoMhlaba futhi izinqumo ezithinta amanani entengo aziphumanga ekomitini labahleli lilodwa.
“Kube yisinqumo senhlangano yomhlaba ngoba iyona ndlela abenza ngayo.
Ngiyazi ukuthi bazamile ukunxenxa ukuthi amanani ehle, kodwa lezi yizimiso zamazwe ngamazwe. Ngakho-ke, bekukuncane obekungenziwa ngalokho futhi ngiyakwazi lokhu ngoba nami bengikuphakamisile kanye nabo.”
Esithombeni esingenhla: U-Owethu Ngubane
Umthombo wesithombe: @netball_sa