Kunemibhikisho yamalungu e-EFF njengoba kunezingxabano eqenjini

Moyahabo Mabeba

Njengoba kuqubuka imibhikisho enodlame phakathi kwamalungu e-Economic Freedom Fighters e-Sekhukhune, e-Limpopo, abaholi ababili abaphezulu besifunda balinyazwe amaqembu aphikisanayo.

La malungu e-EFF axabana wodwa, abanga uhlu lwamakhansela awamele okwesikhashana (i-PR) kubo bonke omasipala abane bakulesi sifunda.

Amalungu abhikishayo afunge agomela ukuthi azoqhubeka nokuphazamisa ukufungiswa kwamakhansela awo.

NgeSonto, sekusele usuku kuqale umcimbi wokufungiswa, iqulu elingeneme lifake incwadi yokuvimba ukugcotshwa kwamakhansela abathi awayona ingxenye yohlu lwangaphambi kokhetho enkantolo.

Ummeli wabo, uCliff Makua, ukuqinisekisile ukuthi amakhasimende akhe acele ukuthi kuhlehliswe ukufungiswa kuze kube uhlu luyalungiswa.

“Ngithumele iziyalezo zenkantolo kubaphathi bomasipala ngibazisa ukuthi amalungu e-EFF aphikisana nohlu lwamakhansela oluthunyelwe wuhlaka lwesifundazwe,” kusho uMakua.

“Ngenxa yalokhu, ukufungiswa – obekufanele kwenzeke ngoMsombuluko – ngeke kusenzeka.”

NgoMgqibelo ebusuku, okhulumela isifunda uSello Tsoma uhlaselwe ngamadoda angaziwa esemzini wakhe e-Mogaun village. Zombili izingalo zakhe beziphukile futhi usale nenxeba elingeqiwa ntwala ekhanda.

Phambilini ngoLwesibili, uSihlalo wesifunda uMasianoke Komane ushaywe amalungu eqembu abethukuthele egane unwabu, ngesikhathi kuqubuka imibhikisho enodlame kumasipala i-Elias Motswaledi.

Kuthiwa uKomane uye kusixuku ebesibhikisha wasikhaca ngenhlamba. Amalungu esixuku ebesibhikisha aphendule ngodlame, ashaya usihlalo kabuhlungu.

UKabelo Tjale, obeyikhansela kusigceme sesishiyagalombili kumasipala i-Ephraim Mogale ngaphambi kokuketulwa kwakhe, uthe bakhona abantu abaziwayo abangahambisani nombono kaTshomo wohlu lwamakhansela.

“Sinabo abangaba abasolwa kulolu daba. Siyabazi abantu abebefuna igazi likaTshoma njengoba akubeka kwacaca ukuthi thina, singamasosha aphansi e-EFF e-Sekhukhune, ngeke siluvume uhlu oluhlukanisayo esibekelwe lona,” kusho uTjale etshela i-Scrolllla.Africa.

“Kodwa-ke njengoba lolu kuwudaba okumele lusingathwe ngamaphoyisa sizoliyeka kuwo ukuthi aluphenye.”

Izihloko zakamuva