Kunconywe umatikuletsheni waseNquthu ngokungathinteki ekukopeleni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kunconywe izikole zaseNquthu KwaZulu-Natal ngokuphasa kahle kwabafundi ngaphandle kokuthinteka ehlazweni lokukopela.

Lokhu kuvele emcimbini obuhlelwe umasipala waseNquthu ngoLwesibili wokuhlonipha abafundi nothisha bezikole eziphase kahle umatikuletsheni. 

IMeya yaseNquthu uMnuz Lindokuhle Shabalala ithe bayaziqhenya ngezikole zaseNquthu ngoba abafundi nothisha basebenze ngokuzikhandla ukuze baqhakaze.

“Siyazi ukuthi isifundazwe sethu sibhekene nehlazo lokukopela kodwa okuhle ukuthi lapha eNquthu akukho nesisodwa isikole esikuleli hlazo. Kunalokho izikole zethu zibalwa kulezi ezisebenze kahle zenyusa izibalo zokuphasa kwabafundi kusuka ku-77.7 wamaphesenti kuya ngaphezulu kwamaphesenti adlula kwangu-86,” kusho uShabalala. 

Abafundi baseNquthu ababili okunguZekhethelo Mdladla obefunda eMaceba Secondary School noNomfundo Dubazane waseZindlalele Secondary School bebeyizimenywa eziqavile emcimbini kaNgqongqoshe wezeMfundo waKwaZulu-Natal uNksz Mbali Frazer wokumenyezelwa kwemiphumela kamatikuletsheni. 

UZekhethelo Mdladla othole o-distinction abayisikhombisa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukuzikhandla kothisha yikho okumenze wakwazi ukuphasa ngamalengiso.

“Othisha bethu bebezimisele kakhulu, besifundisa nangezimpelasonto. Mina ngigcine sengithatha izinsuku  zangeSonto ukubhekana nesifundo se-Mathematics. Kumanje ngiseKapa e-University of Cape Town lapho engizoqala khona izifundo ze-Financial Accounting,” kusho uZekhethelo.

Uthe uzofunda iminyaka emithathu bese kuba neminye emine yokuqeqeshelwa ukuba uMcwaningi-mabhuku.

Kwenzeka lokhu nje, neSilo samabamdla uMisuzulu kaZwelithini sincome imiphumela kamatikuletsheni sathi abafundi baseKZN bakhombisile ukuthi amabhinca ayafunda futhi ayiziqengqe.

“Niyabona ukuthi nibakhombisile ukuthi ningobani nina ningamabhinca ahlakaniphile afundayo. Niyabona nje nami ngiyibhinca elifundile,” kusho iSilo.

Izihloko zakamuva