Kunconywa uWilliams ngomsebenzi awenzile kowe-Afcon 

Ngemuva kobuqhawe bakhe bokuvimba amaphenathi kuma-quarter final kowe-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo, ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams angase abe umuntu ofanele ukuhlenga umnotho wezwe.

UWilliams uvimbe amaphenathi amane emdlalweni wase eba umdlali ovelele wosuku ngesikhathi bedlala ne-Cape Verde nokuyinto eyenze ukuthi elakuleli lingene kwamane okugcina kulo mqhudelwano okokuqala ngqa eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili.

Lo mdlali weMamelodi Sundowns utuse abahlaziyi beqembu lesizwe ngokumqondisa ngokudlala amavidiyo amaningi abashayi maphenalthi be-Cape Verde ukuthi ukukhahlela kwabo bekuzofika kuphi.

Ukuvimba kwakhe amaphenalthi kumenze wazuza udumo emhlabeni wonke webhola likanobhutshuzwayo futhi uzakwabo weqembu nezwe, uGrant Kekana uncome  ukaputeni kakhulu.

“Ungunozinti osezingeni lomhlaba,” kusho uKekana etshela i-BBC Sport Africa.

“Ngicabanga ukuthi kufanele enziwe uNgqongqoshe wezeziMali, angahlenga umnotho wakuleli,” kwengeza lo mdlali wasemuva encokola.

“Siyakuqonda ukuthi kumele singakuvumeli ukuhlulwa emidlalweni. Ngakho sizama kanzima ukusebenza njengeqembu. Siqala ukuvikela phambili ukuze sinikeze ithuba lokunqoba umdlalo.”

IBafana kumele ibhekane ne-Nigeria okuyintandokazi yokuwina lo mqhudelwano kanti uKekana ukholelwa ekutheni ukuhlela yikhona konke okumele kwenziwe ngaphambi kwalo mdlalo.

“Ngenye imbangi enzima. I-Nigeria inabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu kodwa siyakholelwa kithina,” esho.

“Sizoya ebhodini lokudweba, sihlele ngokufanele siphinde sizinike ithuba lokuthola umphumela omuhle ngokumelene nabo.”

Lo mdlalo uzoqala ngo-7 ebusuku ngoLwesithathu ngaphambi kokuthi i-Ivory Coast idudulane ne-DR Congo emdlalweni owandulela owamanqamu ngo-10 ebusuku.

Esithombeni esingenhla: URonwen Williams.

Umthombo wesithombe: @thabisothema

Izihloko zakamuva