Lubhalwe nguThathe Msimango
Umsubathi wakuleli u-Adrian Wildschutt uyindoda ematasa ekholelwa ekutheni ifomu yayo yamanje iyisiqalo sezinto ezinkulu nezingcono.
Lo msubathi (25) uqophe irekhodi elisha lakuleli ngesikhathi esingu-27:23 emqhudelwaneni ka-10 000m e-California ngeSonto ephula irekhodi langaphambilini ebeliphethwe uHendrick Ramaala kusukela ngo-1999.
“Kusamele ngisebenze kanzima ukuze ngibe phakathi kwabasubathi abahamba phambili emhlabeni. Lesi isiqalo sento enkulu esazokwenzeka,” kusho uWildschutt ozimisele ngokuqhudelana nabasubathi abasezingeni eliphezulu emhlabeni.
Yize ephuthelwe isikhathi sokuhlunga ukuze azibekisele indawo kwi-World Championship ngasekupheleni konyaka,uWildschutt usanethemba ngamathuba akhe. “Isikhathi siyangishiya… kodwa ngihlezi nginethemba lokuthi ngizokwazi ukufinyelela lapho engifuna khona,” esho eveza ukuzethemba ngefomu anayo njengamanje.
Ekhuluma ngendlela agijime ngayo ephula irekhodi uWildschutt uthe, “Ngijabule ngokuthi ngikwazile ukwenza kahle ngeSonto. Kuzwakala kumnandi ukuthi angigcinanga ngokuwina umjaho kodwa ngephule irekhodi… Lesi isiqalo sento enkulu esazokwenzeka.”
Ngomqondo onjengokaWildschutt akumangazi ukuthi wephule amarekhodi nokuthi usebhekwe ngabomvu emhlabeni wezokusubatha. Qaphelani sinesihlabani esisha – okuhle kakhulu kuseza!
Esithombeni esingenhla : U-Adrian Wildschutt
Umthombo wesithombe : Sithunyelwe