Lubhalwe nguThathe Msimango
Umsubathi wakuleli uWayde van Niekerk usebuyile futhi usefuna indondo yegolide!
Lo msubathi ophethe irekhodi lika-400m wenze ezibukwayo emqhudelwaneni we-South African Track and Field Championship e-Potchefstroom, e-North West ngoMgqibelo.
UVan Niekerk obedonsa kanzima ngenxa yokulimala eqakaleni akabanga nazwelo njengoba egijime isikhathi semizuzu engu-44 nemizuzwana engu-17 kanti lesi kube isikhathi esisheshayo eminyakeni eyisithupha.
Lo msubathi (30) ushiye umpetha womhlaba wabaneminyaka engaphansi kwengu-20 uLyle Pillay njengoba egijime isikhathi esincomekayo esithuse abantu abaningi emhlabeni wezokusubatha.
“Ngifuna ukugijima kaningi ukuze ngisebenzise ithalente lami,” kusho uVan Niekerk etshela i-Scrolla.Africa ngemuva kokuwina ngendlela emangalisayo.
“Kule minyaka embalwa edlule kuye kwafaneleka ukuthi nginqobe izinselele ukuze ngiqine ngokomzimba nangokwengqondo. Ngingasho ngokuzethemba ukuthi ngikwazile ukugijima isikhathi esihle kakhulu namuhla.”
Kubonakala sengathi uVan Niekerk akagcini lapho. Ngokugijima kwakhe okumangalisayo usevele wazibekisela indawo kuma-World Athletics Championships ahlelelwe ukuba ngoNcwaba e-Hungary.
Usezimisele ngokuthatha enye indondo njengoba enza emqhudelwaneni wango-2017 e-London.
“Ngicabanga ukuthi ngingumsubathi ongakwazi ukuphonsela abanye inselelo kuma-World Champs,” esho.
“Ngifuna ukubuyela lapho okokugcina. Ngicabanga ukuthi ngingakwazi ukugijima isikhathi esingcono ukwedlula esanamuhla. Into ebalulekile manje ukuthi ngiqikelele ukuthi angilimali ukuze ngizogijima izikhathi ezinhle.”
UMengameli we-Athletics South Africa, uJames Moloi ubejabule kakhulu ngendlela abasubathi abenze ngayo ngesikhathi somqhudelwano futhi ubahalalisele bonke abenze kahle.
“Sijabule ngendlela abasubathi abagijime ngayo ezinsukwini ezintathu zomqhudelwano,” esho. “Abasubathi abafana noVan Niekerk, u-Akani Simbine kanye noPrudence Sekgodiso benze kahle kakhulu. Lona unyaka obalulekile njengoba sinomqhudelwano we-World Championship nowama-Olympics.”
Zigaya ngomunye umhlathi manje: UWayde van Niekerk ubuyile futhi usengcono kunangaphambilini!
Esithombeni esingenhla: UWayde Van Niekerk
Umthombo wesithombe: Twitter