Kunconywa umsubathi owephule irekhodi lomhlaba 

Hlangana noChristian Roberto López Rodríguez ongumsubathi wase-Spain osanda kuzuza irekhodi lomhlaba le-Guinness lesikhathi esishesha kakhulu ebangeni lika-100m ngenkathi egqoke ama-sprint heels!

URodríguez ugijime kahle ngama-stiletto angu-2.76-inch futhi uye wadla umhlanganiso waqeda ibanga ngemizuzwana engu-12.82. Lokho kungemuva ngamasekhondi angu-3.24 kuphela kunerekhodi lomhlaba lika-Usain Bolt! Lapha sikhuluma ngesivinini esihlanganiswe nesitayela.

Ngesikhathi ebuzwa ngokuzilungiselela kwakhe uRodríguez uthe “bekukhathaza  kakhulu futhi bekucacile.”

Ukugijima ngama-sprint heels ngesivinini esikhulu akuwona umdlalo bakwethu. Ngokusobala e-Spain banemijaho efana nalena futhi uRodríguez ubelokhu evelele kuyona.

Kodwa akugcini lapho. URodríguez ungumephuli wamarekhodi ovelele.

Unezindondo ezimangalisayo ezingu-57 ze-Guinness World Records ngaphansi kwegama lakhe. Uke wabhalansisa izinto esilevini sakhe njengebhayisikili isikhathi eside kakhulu? Yebo nalokho ukwenzile. Lo msubathi uyakwazi ukunqoba inselelo kungakhathaliseki ukuthi ukugqoke ama-sprint heels yini.

URodríguez unesifo sikashukela sezinga lokuqala.

Uzame lokhu okumangalisayo ukukhombisa ukuthi abantu abanesifo sikashukela bangazuza noma yini ngaphezu kwalabo abangaphethwe yilesi sifo.

Ngakho-ke, u-André Ortolf umnikazi werekhodi lokugijima ngama-sprint heel usesukile endaweni yokuqala. URodríguez umehlisile esihlalweni. Uphinde agijime ezifihle ubuso,  efake ama-clog noma ehlehlela emuva.

URodríguez uyindoda enesidingo sejubane nomuzwa wemfashini.

Uthathe umhlaba wokwephula irekhodi ngesivunguvungu ngama-sprint heels. Siyakubongisa Rodríguez ngokufakazela ukuthi uma kuziwa ekugijimeni ama-sprint heels ayimfihlo.

Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff

Esithombeni esingenhla: URoberto López Rodríguez

Izihloko zakamuva