Kunconywa umsubathi osefomini enhle 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Kuthiwa uRyan Mphahlele nguyena ozophatha amabanga aphakathi nendawo kuleli eminyakeni ezayo ngemuva kukaJohan Fourie ophethe irekhodi lakuleli lika-1,500m.

UMphahlele ubesefomini emangazayo kulo nyaka ugijime isikhathi esingu-3:32:90 emjahweni ka-1,500m kwi-Cape Miler Continental Meeting enkundleni yezemidlalo i-Green Point eKapa.

Lo msubathi osemncane uqhubekile nefomu yakhe encomekayo ngokuwina umjaho wemayela elilodwa enkundleni efanayo ngoMsombuluko ehlula abasubathi abafana no-Elijah Manangoi owathola indondo yesiliva emqhudelwaneni we-World Championship ngo-2017 ngesikhathi egijima isikhathi esingu-3:55:59.

Owayengumsubathi uFourie ukholelwa ekutheni ubuqhawe bukaMphahlele yibona obumehlukanisa kwizimbangi zakhe.

“Ngithanda indlela uRyan angasabi ngayo ukufaka inselelo phambi kwezimbangi zakhe. Unethalente futhi usekhombise abaningi ukuthi uyingozi emjahweni wamabanga amafushane,” kusho uFourie.

UFourie uphinde wancoma umqeqeshi kaMphahlele aseneminyaka eminingi esebenza naye ngokuxhumana okukhulu nokusebenza kanzima.

Ngesikhathi ebuzwa ngamathuba kaMphahlele okuthola indondo kwi-World Athletics Championship ezoba e-Hungary ngasekupheleni konyaka, uFourie uthe konke kuncike emqondweni wakhe.

“Ufinyelele kulesi sigaba ngesikhathi esifanele ukuze anikeze ukuncintisana obekudingeka kakhulu ngokumelene nabasubathi abasezingeni eliphezulu. Konke kumayelana nokuba nesimo sengqondo esihle – ngakho-ke,angaphumelela.”

UMphahlele usekulungele ukumela izwe emqhudelwaneni futhi uzogxila kakhulu kwisizini yamazwe omhlaba ezoqala ngomdlalo we-Adidas e-Germany ngeSonto lapho azobamba khona iqhaza ebangeni lika-5 000m.

Kungenzeka ukuthi elakuleli selithole umsubathi omkhulu webanga eliphakathi kuMphahlele futhi isizwe sizoyibheka ngabomvu intuthuko yakhe eminyakeni ezayo.

Esithombeni esingenhla: URyan Mphahlele

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva