Umpetha wase-Belgium we-shot put ne-hammer throw uJolien Boumkwo ukhombise ukubaluleka kokusebenzisana ngesikhathi esiza iqembu lakhe elicishe laphuma.
UBoumkwo ubehlanganyele emjahweni ka-100m kwi-European Championships e-Poland. Noma ngabe usale emuva ngemizuzwana engu-20, kodwa ukwazile ukusiza iqembu lakhe.
Njengoba abadlali ababili base-Belgium bephoqeleke ukuthi bahoxe ngenxa yokulimala, uBoumkwo uthathe isinqumo sokuvala lesi sikhala.
Ividiyo yokugijima kwakhe isabalale ngokushesha njengoba konke abekwenza ubemamatheka.
Okwenziwe uBoumkwo kuthathe izinhliziyo zababukeli emhlabeni wonke.
Nakuba ubengenzi into ayijwayele, lo msubathi oneminyaka engu-29 ubudala uqede umjaho ngemizuzwana engu-32.81 ngaphandle kokuwisa ama-hurdles.
Njengoba umsubathi wase-Spain uTeresa Errandonea enqoba umjaho ngesikhathi semizuzwana engu-13.22, umzamo kaBoumkwo uzuzele iqembu lakhe amaphuzu amabili abalulekile.
Amaphuzu atholwe uBoumkwo angase abonakale emqoka kulo mqhudelwano njengoba amazwe amathathu ebhekene nokuphuma ku-Division 1.
Ukuzimisela kwakhe nokungenela umjaho okuyinto angayenzi kugqamisa ukuzinikela kwakhe eqenjini futhi kuyisibonelo senhliziyo enhle edingekayo kwezemidlalo.
UBoumkwo ushayelwe ihlombe izithameli zalo mjaho futhi wahalaliselwa izimbangi zakhe ngokudlala kwakhe ngendlela encomekayo.
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Isithombe esingenhla: UJolien Boumkwo
Umthombo wesithombe: I-Twitter