Kunconywa umphakathi ozibambele mathupha ukulwa nobugebengu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Umphakathi okhathele ukuphila ngokwesaba izigebengu wasemijondolo ebizwa ngokuthi i-Dubai uzibambele mathupha ngohlelo “i-Operation Gqogqa.”

Umsebenzi womphakathi ube nesandla ekutholweni kwezimpahla ezebiwe. Wethulwa ngemuva kokuthi i-Land Party Women’s Forum ilunywe indlebe ngomjondolo othize ose-Dubai, eZwelihle, e-Hermanus. Kukholakala ukuthi lo mjondolo uyisizinda sezinto ezibalulekile ezebiwe okubalwa kuzo omabonakude, iziqandisi nezinye izinto zikagesi.

Ngesikhathi amalungu omphakathi ebhekana nabanikazi bomjondolo ngeSonto izinsolo zabo ziye zaqinisekisiwa njengoba bethole inqwaba yezimpahla ezebiwe.

Umholi we-Land Party uGcobani Ndzongana uthe ugculisekile ngomphumela waveza ukubaluleka kokubika izenzo zobugebengu.

“Kuyangijabulisa ukuthi labo ababone izenzo zobugebengu kule mijondolo banqume ukuphumela obala ukuze abantu bathole izinto zabo ezintshontshiwe,” kusho uNdzongana.

Uthe kubalulekile ukuqhubeka nokubambisana phakathi kwamalungu omphakathi ukulwa nobugebengu endaweni yawo.

“Njengoba abantu sebeqalile ukuphumela obala uma bebona izinto ezingajwayelekile sifuna benze okufanayo nakubantu abadayisa izimpahla ezebiwe. Akumele izakhamizi zithenge izimpahla ezintshontshiwe, kungcono babike ukuze basize ukulwa nobugebengu ezindaweni zethu,” esho.

Esinye isakhamuzi sinxuse eminye imiphakathi ukuthi ilandele isibonelo somphakathi wase-Dubai.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokudlanga kwezigameko zobugebengu emijondolo eyahlukene eyakhele iZwelihle.

Abantu babona izigebengu zingena emijondolo nezimpahla ezebiwe bathule. Kumele bakuqonde ukuthi ngokuvikela izigebengu bangase babe izisulu ngelinye

ilanga,” kusho isakhamuzi.

Okhulumela abakwa-SAPS uKaputeni Frederick van Wyk ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ababili abaneminyaka engu-18 ngemuva kwemizamo yomphakathi.

“Amalungu omphakathi abikele amaphoyisa ngemijondolo emibili okufihlwe kuyo impahla eyebiwe.

Uqhube wathi kukhona amalungu omphakathi afikile kulesi siteshi ezohlonza izimpahla zawo ezintshontshiwe.

Esithombeni esingenhla: Abahlali basemijondolo yase-Dubai eZwelihle, e-Hermanus, e-Western Cape nohlelo lokulwa nobugebengu i-Operation Gqogqa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva