Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Inqwaba yemfucuza yake yathatha indawo enkulu endleleni yokuhamba kangangokuthi izingane eziya esikoleni kwakudingeka ukuthi zishaye ulayini ngaphambi kokuthi zidlule kuyo.
Kwakukhona yonke into kusukela kumanabukeni kuya ezilwaneni ezifile – kanye namagundane aphilayo.
Manje amalungu omphakathi aseGugulethu aguqule leli phaseji eliphakathi kwezindlu ezimbili ebeliyindawo yokulahla udoti engekho emthethweni laba iphaseji elihlanzekile, baliqamba ngokuthi Ithemba.
UXolile Ndzoyi oyisishoshovu saseKapa uthe abafundi besikole samabanga aphansi iNobantu basebenzisa leli phaseji njengendlela enqamulelayo eya esikoleni.
“Umphakathi uye wahlangana waqala ukuhlanza iphaseji ngoba beliyingozi hhayi ezinganeni zesikole kuphela kodwa nakunoma ngubani osebenzisa le ndlela,” kusho uXolile.
“Udoti ubunqwabelana futhi izingane beziphoqeleka ukuthi zishaye ulayini. Asikwazanga ukuhlala sibukele okwenzekayo.”
UXolile uthe abantu abahlala eduze naleli phaseji bebengakwazi ukuvula amawindi nezicabha ngenxa yephunga elingabekezeleleki.
“Siliqambe ngokuthi Ithemba Walkway elinika umphakathi waseGugulethu ithemba,” esho.
“Sizosebenzisa izindonga ukubhala amagama abantu ababambe iqhaza eKapa nasemhlabeni jikelele. Sizoba namazwi akhuthazayo avela kubantu abadumile futhi sizobeke izithombe namazwe abo odongeni. Sifuna le ndawo ihehe izivakashi.”
Uthe wonke umuntu unendaba embi okumele ayixoxe ngale ndawo obekulahlwa kuyo imfucuza – futhi akusiyona yodwa. Bakhuthaza abantu ukuthi bahlanze izindawo okulahlwa kuzo udoti ngokungemthetho nokuthi bayeke ukulinda uhulumeni ukuthi enze izinto.
“Kumele sisebenzisane nabantu abanothando ngendlela eyakhayo futhi siphakamise izixazululo zokuguqula udoti ube yimali.”
UNandipha Ngece ubengakholwa ukuthi bengakwazi ukuguqula indawo yokulahla udoti ibe indawo enhle eyiyo namuhla.
“Manje intsha iyama kule ndawo ithwebule izithombe. Sizoyigcina ihlanzekile le ndawo. Ngeke siphinde sivumele muntu ukuthi alahle udoti khona,” kusho uNandipha.
Esithombeni esingenhla: UXolile Ndzoyi emi emgwaqeni abawuhlanzile ngemuva kokuthi usetshenziswe njengendawo yokulahla udoti engekho emthethweni
Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze