Kunconywa umgadli weGallants osefomini enhle  

Lubhalwe nguMichael Madyira

Ujaha ese-Premier Soccer League Golden Boot ngamagoli amabili ngemuva komshayimagoli ohamba phambili uPeter Shalulile.

Ungomunye wabadlali abambalwa abashaye into ecokeme ku-PSL kule sizini.

Lona umdlali oseshaye amagoli amaningi kwi-CAF Confederation Cup njengoba eseshaye amagoli amahlanu emidlalweni eyisithupha.

Umgadli weMarumo Gallants uRanga Chivaviro ubelokhu enza kahle kakhulu kuleli kanye nase-Afrika.

Kodwa bambalwa abakubonile okwenziwe yilo mdlali (30) wase-Limpopo njengoba umqeqeshi wakhe uRaymond Mdaka evuma ukuthi uthwele iGallants emahlombe akhe.

“Uma ngingaphosisi unamagoli ayisishiyagalombili noma ayisishiyagalolunye,” kucashunwe uMdaka esho njalo kwi-iDiski Times.

“Uyabona laba yilolu hlobo lwabadlali okuthi uma unabo laphaya phambili uhlale  ukholelwa ekutheni noma yinini uma kukhona okuqhamukayo ungalithola igoli.

“Ngakho kusinika isibindi uma unalolo hlobo lwabadlali emdlalweni. Ngicabanga ukuthi wenze kahle kakhulu. Ngijabule ngaye.”

Ngesikhathi uChivaviro ehola iGallants empini yokuvika izembe ngesikhathi bedlala neChippa United ngoLwesithathu,wenze kahle kakhulu wahlenga leli qembu lase-Limpopo ngamaphuzu amathathu kuMaritzburg United engaphansi.

Bekuyigoli lakhe lesine emidlalweni emibili yeligi ukuhlenga iGallants echithe amasonto ambalwa idonsa kanzima esigabeni esiphansi.

Yize ungekho umsindo otheni ngoChivaviro sekunemibiko yokuthi i-Orlando Pirates imqaphe ngelokhozi.

Ubambene ngamagoli ayisishiyagalolunye eligi noMonnapule Saleng odlala kwiPirates naye oshaye into ecokeme kule sizini.

Njengoba kungakhulunywa, lena isizini yesithathu kaChivaviro ku-PSL futhi uke wadlala ibhola elisezingeni eliphezulu edlalela iBaroka.

Ngo-2021 wachitha izinyanga eziyisithupha kwi-KF Trepca 89 e-Kosovo.

Esithombeni esingenhla: Umgadli weMarumo Gallants uRanga Chivaviro 

Umthombo wesithombe: Marumo Gallants

Izihloko zakamuva