Kunconywa umdlalo omuhle wamaLions

Lubhalwe nguLucky Maree

Indlela amaLions abambelele ngayo ngesikhathi elelwa ukuthola indawo kuma-play-offs e-Currie Cup bekungathi ifilimu.

Kodwa izolo e-Kings Park eThekwini iphupho labo ebelingalindelekile lifinyelele esiphethweni ngesikhathi amaSharks ebahlula ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

Sekuphele amasonto ambalwa amaLions ephazamisa itafula ngokuwina imidlalo ilandelana. Amaqembu amabili ebebambene ngama-try amathathu isikhathi esiningi somdlalo. Hhayi ukuthi bekubalulekile kodwa amaSharks avimbeamaLions iphuzu lebhonasi njengoba ehlulwe ngamaphuzu ayisishiyagalombili ngesikhathi ehluleka ukuthola i-try yesine. 

Indlela amaLions alwe ngayo kwaze kwaba sekugcineni  bekuyintokozo ukubuka futhi aphakamise iqembu lawo phezu kokuthi inyunyana yabo inezinkinga. (Umdlalo wabo wokugcina wesizini bedlala neGriffons uyisiphetho esibi kuwo womabili amaqembu.)

Emasontweni amathathu edlule iPumas ilahlekelwe ifomu yayo. Iqiniso ukuthi iStonehouse Express isamile. Umdlalo wabo neFree State, e-Mbombela ubuseduze kunalokho okushiwo ibhodi lamaphuzu kodwa abakaze bavunyelwe ukudlala ibhola lombhoxo elihlaselayo labanekhono. Basathungatha isicoco se-Currie Cup abasiwine ngeledlule kodwa kumele bakhuphule amasokisi.

Izimpelasonto ezimbili iWestern Province ilahlekelwe kathathu. Siyazi ukuthi kwenzekeni ngamaStormers kowe-United Rugby Championship ngempelasonto edlule, kodwa kucishe kwangabonwa ngesikhathi iWestern Province ihlulwa amaLions ngosuku olwandulela umdlalo wamanqamu we-URC. Kule mpelasonto edlule abawasebenzisanga kahle amathuba abo ngesikhathi behlula neGriquas e-Kimberley. Sibonga umqeqeshi uDobson owenze izimanga kuze kube manje. Ungavumeli amaqembu akho alahle ibhola manje.

Bekuyindlela eyodwa emgwaqeni e-Loftus Versfeld ngesikhathi amaBlue Bulls eshaya ama-try ayishumi ebhekene neGriffons. Umdlalo owodwa owinwe iGriffons kule sizini kungesikhathi ibhekene namaBulls ngakho, kube khona ithemba kulo mdlalo kodwa liye lashabalala. Kusho lukhulu ngomoya wokulwa weGriffons ukuthi ithole i-try (kanye nephenalthi ye-try)

emizuzwini eyishumi yokugcina yomdlalo. Eqinisweni kusho okuningi ngabo ukuthi bahlulwa izimbangi zabo isonto nesonto.

IGriquas (ama-try amahlanu) 38-29 iWestern Province (ama-try amane)

AmaBlue Bulls (ama-try ayishumi) 64-31 i-Griffons (ama-try amane) 

IPumas (ama-try amabili) 14-29 iFree State (ama-try amane) 

AmaSharks (ama-try amane) 28-21 amaLions (ama-try amathathu) 

Esithombeni esingenhla: USanele Nohamba wamaLions

Umthombo wesithombe: Lions

Izihloko zakamuva