Lubhalwe nguDalphine Tagwireyi
Ukuphilisa imibono nokuxoxa izindaba eziyiqiniso bekulokhu kuseduze nenhliziyo kaMelgin Tafirenyika.
Esakhula lo mdidiyeli wamafilimu (37) wase-Zimbabwe owawina imiklomelo wayehlezi azi ukuthi ufuna ukwenza amafilimu.
Ngaphambi kokuthi uTafirenyika aqale lolo hambo wasebenza njengombazi ebumba imibono ibe ngokoqobo. Kodwa wabe esenquma ukufeza iphupho lakhe lokuqala wadela amathuluzi akhe okubaza wase ephila ngemuva kwelensi yekhamera.
“Ngenza umsebenzi wokubaza iminyaka emibili kwathi ngesonto lokugcina lokuqeda izifundo zami nganquma ukuyeka ngenze ezokumodela okwaba neqhaza elikhulu ekutheni ngiqhubeke nephupho lami lokwenza amafilimu,” echazela i-Scrolla.Africa.
“Ukulingisa lokhu kwaba ithalente kimina kusukela ngisemncane,” esho.
“Ngatshela umama ukuthi ngifuna ukuba umlingisi kodwa akazange angithathele phezulu. Wayecabanga ukuthi ngiyadlala.”
UTafirenyika uthe wacela unina ukuthi ameseke kanti ngesikhathi ekhiqiza ifilimu yakhe yokuqala ethi-I Will Marry Myself ngo-2012, wawina indondo yabaphumelele abasebancane umama wakhe wameseka ngokugcwele.
“Sengiwine izindondo eziyisishiyagalombili futhi ngisafuna ezinye. Ukwenza amafilimu kuyajabulisa futhi kunginika injabulo enkulu ukwabelana nomhlaba wonke ngezindaba zami,” esho.
UTafirenyika ungumnikazi we-Light Image Production okuyindlu yokukhiqiza, isiteshi sokukhombisa umsebenzi wakhe wobuciko kanye nokuxoxa izindaba eziyiqiniso zase-Zimbabwe.
Uthuthele eMelika ngoNhlolanja ukuyoqhubekisela phambili uthando lwakhe lokwenza amafilimu futhi unekhono lokulingisa, ukukhiqiza nokubhala.
Usebhale amafilimu angaphezu kuka-20. Usedidiyele amafilimu angaphezu kuka-25 okubalwa nayishumi adlala ku-DStv njengamanje.
UTafirenyika ujabule ngohlelo lwakhe lwakamuva oluwuchungechunge oluthi Sofelani njengoba isizini yalo yesibili izoqala ukukhonjiswa ngoLwesihlanu mhla zinhlanu kuNhlaba esiteshini se-DStv 293.
Esithombeni esingenhla: Umdidiyeli wamafilimu wase-Zimbabwe uMelgin Tafirenyika
Umthombo wesithombe: Melgin Tafirenyika