Kunconywa uMahrez oshaye amagoli amathathu kowangempelasonto weFA Cup

Lubhalwe nguRazeen Gutta

URiyad Mahrez wenze ezibukwayo e-Wembley ngesikhathi i-Manchester City ishaya i-Sheffield United ngo 3-0 ukudlulela kowamanqamu we-FA Cup yakulo nyaka.

Kungenzeka ukuthi inani labebekhona enkundleni yezemidlalo i-Wembley beliphansi kunalokho okujwayelekile kodwa iqembu le-Championship belikulungele ukugijimisa ompetha be-Premier League.

I-Sheffield ibibukeka iqinile kusukela ekuqaleni yabeka abadlali ngemuva komugqa we-City yakhungathekisa iqembu likaPep Guardiola.

Iphenalthi yesiwombe sokuqala iqale umfutho we-Manchester kodwa-ke, ukubonakala kwakhe okokuqala enkundleni yezemidlalo kungesikhathi u-Erling Haaland enikeza uzakwabo uMahrez ibhola.

Lo mdlali wase-Algeria ugeje amagoli amabili kwamane emdlalweni odlule kodwa ubengeke ahluleke kulokhu njengoba enze i-Manchester yaya ekhefini ihola phambili ngegoli.

Abadlali bakaGuardiola bawine imidlalo engu-50 kwengu-54 edlule kuyo yonke imiqhudelwano ngesikhathi beshaya elinye igoli ngesikhathi sekhefu futhi izibalo zabo zokungashayi i-Sheffield ku-FA Cup bezizoshintshwa nakanjani.

Amanye amagoli amabili kaMahrez awashaye emizuzwini emihlanu ngemuva kwehora azoqinisekisa ukuthi ubengumdlali ovelele kulo mdlalo.

Igoli lakhe alishaye ngekhanda bekungelokuqala kowandulela owamanqamu we-FA Cup kusukela ngo-1958 futhi amagoli akhe amathathu aqinisekise ukuthi i-Manchester ingahle iwine izindebe ezintathu kule sizini.

Ukuthi umdlalo wamanqamu wendebe uzoba i-Manchester derby yini noma ukuthi i-Brighton and Hove Albion izoqhubeka nesizini yayo enhle ngokuhlula i-Manchester United, kuzodalulwa uma osokhaya base-Wembley bedlala owandulela owamanqamu wesibili ngeSonto.

Esithombeni esingenhla: URiyad Mahrez

Umthombo wesithombe: @ManCity

Izihloko zakamuva