Kunconywa ugogo owenze ezibukwayo koweGrannies International Football Tournament 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Iqembu lakhe alizange lifinyelele kowamanqamu we-Grannies International Football Tournament (Gift), kodwa umdlali okukhulunywa ngaye kakhulu uPinky “Malume” Mhlongo.

UGogo uPinky (61) waKwamashu esigcemeni sakwa-C KwaZulu-Natal uhlabe abathandi bebhola umxhwele ngekhono lakhe lokudlala.

Igama lakhe eliyisiteketiso elithi Malume liphuma kubalandeli abebethi udlala ibhola njengendoda. Kuyo yonke imidlalo iqembu lakhe loGogo laKwaZulu-Natal eliyidlalile ubedlula wonke umuntu ngamakhono akhe ebhola nangejubane.

Iqembu lakhe lidlale emqhudelwaneni we-Grannies International Football Tournament wezinsuku ezine obusenkundleni yezemidlalo i-Nkowankowa ngaphandle kwase-Tzaneen. Kulo mqhudelwano bekuncintisana abesifazane abaneminyaka esukela ku-50 kuya phezulu abavela emazweni ahlukene.

Akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi uMalume uGogo asabalale ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi ku-TikTok ngamavidiyo athathwe ngesikhathi somqhudelwano.

Abantu bebeshaqekile ngendlela abenza ngayo enkundleni base beqala ukumcela izithombe nama-selfie. Ngesikhathi somqhudelwano ushaye amagoli amahlanu.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi waqala ukudlala ibhola eneminyaka eyisithupha nabafana emigwaqeni.

Ngesikhathi eneminyaka engu-13, wadlalela iqembu leDurban City Ladies kanti kwakunguyena yedwa intombazane emnyama eqenjini.

Kusukela lapho usedlalele amaqembu amaningi okubalwa kuwo i-Fast Eagles FC, Kwamashu Sisters FC kanye neqembu laMazulu labesifazane.

UGogo uPinky unesitifiketi sokuba unompempe futhi ngezinye izikhathi uphatha imidlalo.

Uziqeqesha kabili ngosuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Uthi ubukela kumakhelwane wakhe owayengumgadli weBafana Bafana uSiyabonga Nomvete.

“Iphupho lami ukuyodlala phesheya kwezilwandle,” esho.

Esithombeni esingenhla: UGogo uPinky “malume” Mhlongo

Umthombo wesithombe: Nkhensani Mthombeni

Izihloko zakamuva