Ochwepheshe bayavuma ukuthi ubhubhane lwe-Covid-19 olwacekela phansi iningi lamazwe athuthukile lube lula eAfrika.
Kodwa kungani futhi kanjani?
Njengoba izinga lokushona lingamaphesenti angu-2.4 kuphela lisuka ezigidini ezingu-1.4 okuqinisekiswe ukuthi isibalo sabatheleleke nge-Covid-19, kodwa iAfrika isalokhu isimangalisa kakhulu kulo nyaka.
Izwekazi labantu abayizigidi eziyizinkulungwane eziyi-1.3 lijwayele ukuhlaselwa yizifo ezinkulu eziwumashayabhuqe ezibandakanya i-HIV noma i-Aids, ikholera ne-Ebola.
Futhi manje ochwepheshe bakholelwa ukuthi izwekazi nabantu balo bakulungele kangcono ukubhekana nokuqubuka okukhulu kwezempilo njengoba lenze kwi-coronavirus.
UJohn Nkengasong, umqondisi we-Africa Centers for Disease Control and Prevention, ubungazwa njengosize ukuhola amazwe angama-54 aseAfrika ukuba abe kumfelandawonye onconywe njengokulwa kangcono negciwane kunamanye amazwe acebile.
Abezindaba i-AP babika ukuthi uGayle Smith, owayengumphathi we-US Agency for International Development, wabelana ngokuqiniseka okufanayo ngamandla eAfrika okubhekana nokuqubuka okukhulu kwezempilo.
“IAfrika yodwa eyenza izinto eziningi kahle, kanti amanye amazwe akunjalo.”
UMengameli wase-Ghana uNana Akufo-Addo uthe ubumbano lwaseAfrika lube yinto ebalulekile ekuqinisekiseni ukuthi ubhubhane alubulali abantu abaningi njengoba kwakubikezelwe ngaphambilini.
“Ubhubhane lwe-Covid-19 lukhombisile ukuthi asinakho okunye esingakwenza ngaphandle kokuncika komunye nomunye.”
Njengoba umhlaba ulungiselela umjaho olandelayo, ukuthengwa kwemithi yokugomela i-coronavirus, uNkengasong weluleke ohulumeni baseAfrika ukuthi bangalindi usizo noma usizo lwabaxhasi.
USema Sgaier, umqondisi we-Surgo Foundation okhiqize inkomba yokuba sengozini kwe-Covid-19 uthe: “Ngibheka iAfrika ebese ngibheka iMelika, kodwa nginethemba elikhulu ngeAfrika ngenxa yokwethembeka nobuholi obukhona nokwenza konke okusemandleni naphezu kwezinsiza ezimbalwa. ”