Lubhalwe nguTladi Moloi
ULehlohonolo Mokoena wayesengumfanyana efunda ibanga lesine ngesikhathi eqala ukukhombisa ithalente lakhe lobuciko.
Namuhla njengoba eneminyaka engu-19 ubudala usebenzisa amakhono akhe ukuze aguqule amadwala abe izithombe ezinhle.
Ekhulela emigwaqeni yasesigodini sase-Moeding e-Qwaqwa, e-Free State uthando lwakhe lwezobuciko lwamshukumisela ukuthi aye esigangeni emadwaleni aseduze nokuyilapho aqala khona ukwenza imisebenzi yakhe yobuciko.
Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi angenza izintaba eziningi zibe into emangalisayo kodwa ukushoda kwezinsiza kuye kwabekela umsebenzi wakhe umkhawulo.
“Ubuciko buyabiza kakhulu. Ngidinga izinto eziningi ezingangisiza ukuthi ngenze umsebenzi wami ube lula. Ngisebenzisa ipensela, ipeni, amalahle nokunye okufinyeleleka kalula ekutheni ngenze izithombe eziningi. Mayelana nobuciko bedwala ngisebenzisa isikulufi esiyisicaba, isando kanye nepiki,” esho.
UMokoena owaphothula umatikuletsheni eminyakeni emibili edlule esikoleni samabanga aphezulu i-Phofung uthe ukholwa ukuthi ukudweba into azalwa nayo.
“Ngiyabuthanda ubuciko futhi uNkulunkulu ungibusise ngento ekhethekile. Ubuciko bami bukhethekile futhi behlukile,” esho.
UMokoena uthe okumphatha kabi kakhulu ukuthi amanye amadwala abeqine kakhulu futhi kuyinto eyayingase imenze aphelelwe umdlandla wokwenza okuningi.
Kodwa-ke, usamile kwelokuthi kukhona okuzovela ngelinye ilanga futhi uzogqama.
“Ngizoqhubekela phambili. Ngelinye ilanga uNkulunkulu uzongithumelela umsamariya olungileyo ozongisiza ngifike lapho engiya khona. Ngidinga ukuthi ubuciko bami bukhonjiswe ezitolo zezobuciko emhlabeni jikelele. Ngingathanda nokwethula amakilasi okudweba lapho engingakwazi ukwabelana khona ngamakhono ami nalabo abathanda ubuciko,” esho.
Esithombeni esingenhla: ULehlohonolo Mokoena
Umthombo wesithombe: Tladi Moloi