Kunconywa uBenni ngegalelo lakhe noRashford

Lubhalwe nguMichael Madyira

UMarcus Rashord uqhubekile nefomu yakhe eyisimanga egqugquzela i-Manchester United ukuthi idlale ngokulingana ngo 2-2 ne-Barcelona emdlalweni wokuhlungela i-Uefa Europa League emdlalweni womlenze wokuqala e-Nou Camp.

Lo mdlali waseNgilandi uhole i-Manchester ekutheni ilinganise ngokushaya igoli emzuzwini emibili ngemuva kwelikaMarcos Alonso alishaye ngemizuzu engu-50 ngaphambi kokufaka uJules Kounde enkingeni yokuthi ashayele izimbangi igoli sekuzophela ihora umdlalo uqalile.

Kodwa uRaphinha uye washaya igoli lokuhola le-Barcelona sekusele imizuzu engu-14 njengoba iqembu elihleli phezulu etafuleni le-Premier League lishaye amagoli amabili kude nasekhaya ngaphambi komdlalo ozoba e-Old Trafford ngesonto elizayo.

Kuleli amehlo ebethe njo kumpetha weBafana Bafana, uBenni McCarthy othole ukunconywa ngomsebenzi awenzayo kubadlali abadlala phambili be-Manchester United.

Umqeqeshi we-Manchester utuswe ngomsebenzi wakhe omuhle nabahlaseli baka-Erik Ten Hag ikakhulukazi uRashford oshisayo oshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-35 kuyo yonke imiqhudelwano.

Ukuthi uRashford uphinde waba nomthelela wokuvimbela i-Barcelona ukuthi iwine kunconywe uMcCarthy ngalokho.

I-Barcelona icishe yahola phambili emizuzwini engu-18 umdlalo uqalile, kodwa uGavi uye wakhahlela ibhola phezu kwepali ngaphambi kokuthi izivakashi zizame ukuthi uJadon Sancho naye akhahlele ibhola.

Umsebenzi omuhle kanozinti uMarc-Andre ter Stegen uvimbele uBruno Fernandes kulokho obekuyithuba esiwombeni sokuqala ngesikhathi kuvuleka isikhala kuzo zombili izinhlangothi, kodwa akekho okwazile ukushaya igoli.

Okunye okuhle okwenziwe uTer Stegen emzamweni wokuqala kaRashford kulo mdlalo kuye kwabonakala, uJordi Alba ube eseshiya u-Aaron Wan-Bissaka ngejubane kodwa akakwazanga ukuqedela umsebenzi ngemuva kokuthi uDavid De Gea avimbe ibhola.

Umqeqeshi we-Barcelona uXavi uphoqeleke ukuthi aguqule izinhlelo zakhe ngesikhathi ekhipha uPedri ngenxa yokulimala ngesikhathi kuyiwa ekhefini wase efaka uSergi Roberto.

Ngemuva nje kwesikhashana kuqale isiwombe sesibili, uRaphinha uye wakhahlela ibhola elide laya kwenye indawo uSancho wahluleka ukushaya igoli.

Owayengumdlali wasemuva we-Chelsea, u-Alonso ube esekhahlelela ibhola ekhoneni likaRaphinha emizuzwini emihlanu ngaphambi kokushaya igoli lakhe lesithathu selokhu ajoyina i-Barcelona ekuqaleni kwale sizini.

Ngemuva kwalokho uRashford uye waziphindiselela kwi-Manchester United washaya i-cross ephoqe uKounde ukuthi aguqule ibhola alifake enethini lakhe ladlula uTer Stegen ngomzuzu ka-59.

Ngesikhathi i-Manchester ibonakala isethubeni lokuwina,  uRobert Lewandowski wenze sengathi uthatha ibhola ukuze avumele uRaphinha ukuthi akhohlise uDe Gea washaya igoli lakhe lesikhombisa lesizini.

Esithombeni esingenhla: UMarcus Rashford

Umthombo wesithombe: Manchester United

Izihloko zakamuva