Kunconywa owase-Ivory Coast owenze kahle kowe-Afcon 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Ukunqoba indebe ye-Africa Cup of Nations obekungalindelekile kwenzeke ekhaya kwi-Ivory Coast ngendlela ethinta inhliziyo njengoba uSebastien Haller eshaye igoli abanqobe  ngalo ngemuva konyaka enqobe umdlavuza wesitho sangasese.

Ngemuva kokudlulela esigabeni somkhumulajezi njengelinye lamaqembu aphume isithathu ahamba phambili, ama-Elephants aqale asondele kakhulu ekuphumeni esigabeni samaqoqo.

Ukuba khona kukaHaller emqhudelwaneni kufike ngemuva konyaka ebuyile emdlalweni.

Ngemuva kokuthola ukuthi unomdlavuza ngoNtulikazi ngo-2022, lowo owayengumdlali we-West Ham United washayela i-Borussia Dortmund igoli lakhe lokuqala ngoSuku lomhlaba lomdlavuza nyakenye. Ukululama kwakhe kwalandela ukuhlinzwa kabili kanye nemizuliswano eminingi yokwelashwa ngamakhemikhali.

UHaller ujoyine isikwati sase-Ivory Coast ngasekupheleni komqhudelwano ngemuva kokululama ekulimaleni. Kodwa-ke, umthelela wakhe usheshe wabonakala.

Ngemuva kokushaya iphenathi yakhe esigabeni somkhumulajezi bedlala ne-Senegal, uphinde washaya igoli ekuqaleni komdlalo owandulela owamanqamu ngesikhathi bedlala ne-DR Congo.

Kubesengxoxweni elandele ukunqoba kwakhe ngesikhathi bedlala ne-Nigeria ngeSonto lapho akholwe khona ukuthi ngempela badle umhlanganiso.

“Kade sasifisa ukuthi lesi sikhathi sifike,” kusho uHaller egajwe imizwa yakhe.

“Besinethemba lokuthi sizofika kuleli qophelo futhi umdlalo ubungelula. Izigcawu zenjabulo esizibona manje kanye nokwenzeka ezweni kusifanele. Ngiyethemba ngempela ukuthi kusiza abantu abaningi.”

Owake wadlalela i-Ivory Coast uKolo Toure umncome kakhulu lo mgadli: “Ngijabule kakhulu ngoHaller. Udlule esikhathini esinzima kodwa usebenzele iqembu ngendlela engakholakali,” kusho lowo owayengumdlali we-Manchester City kanye ne-Liverpool.

“Uyindoda ezithobile, futhi usebenza kanzima eqenjini. Ungumuntu nje ofuna ukusiza ozakwabo. Ngijabule kakhulu ngokuthi ushaye lelo goli – Kuhle kakhulu kuye nasezweni lonke.”

Esithombeni esingenhla: USebastien Haller.

Umthombo wesithombe: @caf_online

Izihloko zakamuva