Kunconywa osomatekisi abalungise imigwaqo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Imigwaqo ebigcwele imigodi ebiphoqa abashayeli ukuthi bashayele begwega sengathi badakiwe isilungisiwe – ngemuva kokuvela kombiko we-Scrolla.Africa.

Le migodi iphushe abanikazi bamatekisi base-Ekurhuleni ukuthi bafake izandla emaphaketheni abo ukuze bavale le migodi ngokwabo.

Bathenge ukhonkolo nezinye izinto ezizobenza bakwazi ukusebenza emigwaqeni ngesikhathi abalawula amatekisi belawula izimoto ezimpambanweni zomgwaqo.

Osomatekisi babambisene nosomabhizinisi base-Phola Park nase-Eden Park edolobheni lase-Ekurhuleni ukuze benze umehluko kubashayeli abaningi.

U-Emmanuel Maleka ongumnikazi wamatekisi nokhulumela inhlangano yamatekisi i-Greater Alberton, uthe ngemuva kokuthi i-Scrolla.Africa ishicilele udaba lwabashayeli bamatekisi abalungisa imigodi ngokwabo, inhlangano iqale ukuthola izingcingo eminyangweni kahulumeni bebuza ukuthi yimiphi imigwaqo ethinteke kabi ukuze bakwazi ukuyilungisa.

Uthi manje uhulumeni ulethe ithimba eligcwele kanye nemishini yokulungisa imigwaqo.

UMaleka ushayele ihlombe amandla abezindaba ngokuletha lolu daba emahhovisi kahulumeni njengoba le nkinga ithole ukunakwa ebikudinga. “Sibonga i-Scrolla.Africa kanye nomsakazo wendawo (iKasi FM) ngokuqhuba lolu daba,” esho.

Besebechithe isikhathi eside bezama ukuthi izikhulu zikahulumeni zilungise imigwaqo.

“Kodwa esikhathini esingaphansi kwamasonto amabili le ndaba igqanyiswe ngabezindaba sekukhona okwenziwayo futhi maduze sizoba nomgwaqo “omusha” omuhle,” kusho uMaleka.

NgoLwesibili ngomhlaka-14 kuNdasa abashayeli bamatekisi ababalelwa ku-30 ​​bahlanganyele nabanye osomabhizinisi abayizisulu zale migodi emikhulu babanakala belungisa imigwaqo ngokhonkolo.

UMnu Mbongeni Fatyela ongumnikazi wendawo Isolomzi Place e-Palmridge, e-Katlehong okuyindawo yezokuvakasha uthe ungene ohlelweni iVala Amapothole ngoba imigodi iphazamisa ibhizinisi lakhe. “Amakhasimende abengeneme ngokushayela endaweni yethu ngenxa yesimo semigwaqo ebesinayo.

Unxuse uhulumeni ukuthi asebenzisane nabantu abathintekayo emphakathini. “Sisebenzise imali kulo msebenzi kodwa kubukeka sengathi asinconywa.

“Uma beza kithina sizosebenzisana nabo ukuthuthukisa umphakathi,” kusho uFatyela.

Esithombeni esingenhla: Umgwaqo osanda kufakwa itiyela Ekurhuleni

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva