Kunconywa izinga lonompempe bamathimbazane

Razeen Gutta

Onompempe besifazane kwi-Africa Cup of Nations (Wafcon) yalo nyaka batuswe kakhulu ngezinga labo lokuphatha imidlalo.

Njengabo bonke onompempe benza kahle futhi baphatha imidlalo ngezinga eliphezulu kangangokuthi akunakekile ukuthi yibona abaphethe le midlalo ngendlela abazimisela ngayo.

Nokho kuleli sonto bamukele abezindaba e-Moulay Abdellah Sports Complex ngesikhathi becobelele khona ngemibono yabo ngokuthi bekunjani ukuba ingxenye yalo mqhudelwano kuze kube manje.

Njengoba umqhudelwano usuya esigabeni somkhumulajezi i-CAF (Confederation of African Football) inikeze umphakathi ithuba lokufunda kabanzi ngokukhula konompempe besifazane ezwenikazi  ngesikhathi umphathi wonompempe uMamadou Haidara ezwakalisa ukubonga kwakhe ngezinga abaphethe ngalo lo mqhudelwano. 

“Awukho umdlalo umuntu ongathi uthintekile ngezinqumo zonompempe. Besiwubona umphumela wawo wonke umsebenzi esiwenze ngaphambi komqhudelwano. Umphumela wohlelo lwentuthuko esilwenzile,” kusho uHaidara.

“Ezinyangeni ezintathu ezedlule babili kuphela abesifazane abakade bezikhandla futhi besibafake ukuba ngumsizi we-VAR (i-video assist referee). Sivule amathuba okufundisa abesifazane ezindaweni ezimbili ezahlukene.” 

Njengoba i-CAF ingenye yezinyunyana zokuqala ukusebenzisa i-VAR emdlalweni wabesifazane, abesifazane ababambe iqhaza bakhulume ngezinto abahlangabezane nazo.

“Njengomuntu wesifazane lo umqhudelwano wami wokuqala nowabo bonke abantu besifazane. Noma ngiphatha imihlangano yabesilisa ziningi izinto ezintsha ezikhona kulolu hlelo,” kusho umsizi kanompempe uCarine Atezambon.

“Okokuqala ngqa ukuthi i-VAR isetshenziswe kule-Wafcon futhi kuyaqala ngqa ukuthi iqembu lonompempe lakhiwe ngabantu besifazane.”

Omunye wonompempe asebebambe iqhaza kakhulu uBouchra Karboubi oqophe umlando ngokuphatha kwi-Afcon yabesilisa ekuqaleni konyaka ukhulume ngokuthi sebehambe ibanga elingakanani onompempe besifazane.

“Kuyajabulisa ukubona onompempe besifazane bephethe imidlalo yomqhudelwano walolu hlobo,” kusho uKarboubi.

“Kunabesilisa abakhona emsebenzini we-VAR futhi sisizana ngendlela enhle kakhulu, kodwa inqwaba yonompempe lapha ngabesifazane. Sithole isethembiso sokuthi emqhudelwaneni olandelayo uzobe uphethwe abesifazane kuphela.”

Bonke abesifazane abaphethe imidlalo e-Morocco banesifiso sokulandela ezinyathelweni zikaSalima Mukansanga wase-Rwanda ozophatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba yase-Qatar ngasekupheleni kwalo nyaka.

Ungomunye wonompempe besifazane abathathu abaqokwe ukuthi baphathe umdlalo wase-Qatar.

Umthombo wesithombe: @CAFOnline

Izihloko zakamuva