Kunconywa izakhamizi ezigada amasela amakhebuli kagesi 

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Yize bengenawo ugesi izakhamizi zasemijondolo yase-Bayland e-Gqeberha zithathe isinqumo sokuvikela isiteshi esikhulu esiphakela idolobha ngogesi.

Kusukela ngoNdasa bebelokhu behamba endaweni enamahlathi amnyama njalo ebusuku kuze kube ngehora lesine ekuseni begade esiteshi sikagesi i-Chatty.

I-Chatty iyisiteshi esikhulu esisuka lapho ugesi wakwa-Eskom osuka khona kwezinye iziteshi ukuze uphakele i-Gqeberha.

Uma kungekho ukucishwa kukagesi yonke indawo engaphansi kwe-Gqeberha okuhlanganisa nezibhedlela nezindawo kanye nezindawo zezimo eziphuthumayo zijabulela izithelo zomsebenzi wokuqapha komakhelwane babo base-Bayland abangamalungu angu-22.

“Akukhona lokho kuphela esikutholayo,” kusho umholi womphakathi wase-Bayland uTheo Malahle ekhuluma ngesihlava sokucekelwa phansi kwempahla nokwebiwa kwamakhebuli imiphakathi yase-Gqeberha okumele ibhekane naso.

“Selokhu saqala ukugada izinga lokubulawa kwabantu lehlile endaweni yethu,” esho.

Njalo ezinyangeni eziyisithupha selokhu yasungulwa ngo-2018 izakhamizi zase-Bayland kuye kwadingeka ukuthi zilwele izidingongqangi.

Kudingeke ukuthi bashise amathayi ku-R75 Uitenhage Road becela ukuthuthwa kwendle ngendlela efanele, amanzi nogesi.

Ngokuphawulekayo kuzo zonke izinkinga zabo lezi zakhamizi ziye zakwazi ngandlela thize ukucabangela ezinye zaqala ukugada isiteshi sikagesi ezingahlomuli kuso.

IMeya esanda kukhethwa yaseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk uncome izakhamizi zase-Bayland ngomsebenzi wazo wokuzidela.

“Lo mphakathi wenza ubuntu. Ukuvikela isiteshi sikagesi esiphakela abanye ekubeni nina ningenawo ugesi kukhombisa ukuzidela ngempela. Sikweleta lo mphakathi okungaphezu nje kokubonga,” kusho uVan Niekerk.

Ngokuzwa umsebenzi oncomekayo owenziwa izakhamizi osomabhizinisi bakulo masipala baye bangenelela banikeze ithimba eliqaphayo imishini yokuphepha.

UMengameli wesifunda saseNelson Mandela Bay we-Business Community Policing Forum uMnu Timothy Hendricks uthe umphakathi uvumelane ngokushesha nalo mbono ngesikhathi uthintwa ngoNdasa.

“Sisezinhlelweni zokuletha izinkuni emphakathini njengoba bengenawo ugesi futhi sikwazile ukunxenxa i-AutoX ukuze ihlinzeke ngezinsiza zokuphepha emphakathini wase-Bayland,” kusho uHendricks.

UKeith Prinsloo wakwa-AutoX uthe bazimisele ngokusiza ngenxa yeqhaza elibalulekile elibanjwe izakhamizi.

“Yilokho esingakwenza ukubasiza,” esho.

Phambilini abebebizwa nge-Willard Batteries, i-AutoX inikele ngozankosi, imisakazo esetshenziswa abantu ababili, amabhibhi, izinduku namathoshi kanjalo nekhofi noshukela okubiza u-R15 000.

Esithombeni esingenhla: Ithimba le-Bayland Patrol kanye nelungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuPhepha kowaseNelson Mandela Bay uStag Mitchell

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva