Kunconywa iBafana ngokwenza kahle kwi-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Nigeria ingene kowamanqamu we-Africa Cup of Nations ngemuva kokunqoba ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi idlala neBafana Bafana e-Stade de Bouake de la Paix.

Ngobusuku bomdlalo owandulela owamanqamu, izinhlangothi zombili azikwazanga ukuhlukanisa amaphuzu ngemuva kwesikhathi esengeziwe zibambene ngo 1-1.

UWilliam Troost-Ekong wenze ama-Super Eagles ahola phambili ngemuva kokushaya iphenathi ngomzuzu ka-67 ngaphambi kokuthi uTeboho Mokoena ashaye igoli lakhe ngemizuzu engu-90 ngesikhathi i-Nigeria ibonakala isibuyelwe ithemba.

Lokho kuphoqe eminye imizuzu engu-30 kanti iBafana ilahlekelwe uGrant Kekana ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-115.

Umdlalo udlulele kumaphenathi kanti kulokhu uMokoena akaphumelelanga futhi u-Evidence Makgopa naye uye wathola iphenathi yakhe evinjwe unozinti we-Nigeria uStanley Nwabali.

Bekungokwesibili kulandelana ku-Afcon ukuthi iBafana iye kumaphenathi- kodwa kulokhu ikhale phansi.

Umqeqeshi we-Nigeria, uJose Peseiro wenze ushintsho olulodwa nje eqenjini elihlule i-Angola kuma-quarter-final ngesikhathi umdlali wasemuva uZaidu Sanusi ephuma kungena uBright Osayi-Samuel we-Fenerbahce.

Kube nezinguquko kuBafana njengoba umqeqeshi uHugo Broos esuse uKekana kwesokudla emuva kwathi uKhuliso Mudau waphushwa ngasohlangothini lwesokudla.

UThapelo Morena uhlaliswe ebhentshini kwangena uSiyanda Xulu kanti lo mqeqeshi wase-Belgium ulungise iqembu lakhe okokuqala ngqa emidlalweni emine.

I-Nigeria iqale ngokuhlasela kwathi ngemuva kwemizuzu engu-14, unozinti weBafana uRonwen Williams waphamba wavimba ibhola ebelivela ku-Ola Aina ukuthi lifike kuTroost-Ekong noVictor Osimhen.

Kufike ithuba elihle lokuthi uPercy Tau aqedele adume ngazo kodwa ukukhishwa kwesihlabani se-Al Ahly kube nomthelela futhi kuye kwakulula uNwabali.

Ngemizuzu engu-35 uTau ubesebuyile kanti kulokhu ubhekane nonozinti wama-Super Eagles kodwa wehluleka ukulawula ibhola abelibhekise epalini.

Lokho kulandelwe umdlalo ophume phezulu kaNwabali evimba ibhola lika-Evidence Makgopa.

Umdlalo ube usushintsha ngesikhathi uTroost-Ekong ethumela ibhola elinamandla kuWilliams.

IBafana icishe yajeziswa ngokungamaki kahle u-Osimhen ohlanganise ibhola enethini kodwa igoli lachithwa ngenxa yecala elenziwe u-Alhassan Yusuf kuZakhele Lepasa ngaphakathi nje kwebhokisi.

Ngemuva kokuhlolwa kwe-VAR, elakuleli linikezwe iphenathi futhi uMokoena uye waqunga isibindi walishaya ladlula uNwabali.

Ngesikhathi sekuzophela umdlalo uMudau ulahle ithuba elihle ngemuva kokuba uNwabali ashaye i-freekick kuMokoena.

Umqhudelwano udlulele esikhathini esengeziwe kanti ukudlala kukaKekana ezama ukuvimba uTerrence Moffi kumenze wathola ikhadi elibomvu esigabeni esibucayi somdlalo.

Kodwa iBafana izibambe kwaze kwafika isikhathi sokukhahlela amaphenathi.

Esithombeni esingenhla: Ukaputeni weBafana Bafana uRonwen Williams uzame ukuvimba uWilliam Troost-Ekong noVictor Osimhen ekutheni bashaye amagoli.

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva