Kunconywa abasiza ukuthungatha izinja ezilahlekile 

Iphoyisa lase-UK eselathatha umhlalaphansi uPhil James usesebenzise i-drone ukubuyisela izinja ezilahlekile ezingu-1,400 kubanikazi bazo.

UPhil uthi umkhankaso wakhe i-Drone to Home ube nedumela ngemuva kokusebenzisa i-drone yakhe ukuthola inja okwase kuphele izinsuku ezintathu ilahlekile.

“Sihlezi sizama ukufuna zonke izinja ezilahlekile e-East Midlands,” kusho uJames etshela i-BBC.

“Kuyinselelo kodwa futhi kuyinto engiyithandayo.”

UPhil uveze ukuthi le nhlangano isikhule yaba yinto abengakaze ayicabange ukuthi izoba yiyo futhi unethemba lokuthi izokwandisa ukusebenza kwayo.

Uthemba ukuthi maduze uzothenga i-drone esheshayo ukuze asabalalise lo mkhankaso emazweni amaningana emhlabeni jikelele.

Esebenzisa i-drone yakhe, uPhil uthi uthole izinja ezingu-1,400 wazibuyisela kubanikazi bazo ngemuva kokubaleka.

Waqala le nhlangano engenzi nzuzo ngo-2021 kodwa washeshe wadinga usizo futhi wathumela isicelo ku-WhatsApp sokuthi amavolontiya ajoyine umkhankaso wakhe.

UPhil kanye nenhlangano esiza abantulayo banikela ngezifundo zokusebenzisa ama-drones ukuthola izinja ezilahlekile.

UChanelle Storer walahlekelwa inja yakhe wase ethinta i-Drone to Home eyaphuthuma ukumsiza.

Inja kaStorer yatholwa ngemuva kwezinsuku eziyisithupha yabuyiselwa ekhaya.

“Siswele amazwi okubonga uPhil ngakho konke asenzele khona nokuthi kungakanani akwenzela umphakathi ngalolu hlelo olumangalisayo lokusiza abantulayo. Sidinga oPhil James ‘abaningi kulo mhlaba,” kusho uStorer.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Esithombeni esingenhla: Inja ne-drone

Umthombo wesithombe: Tractive

Izihloko zakamuva