Lungani Zungu
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uncome ithimba ebeliphenya ngokubulawa kosopolitiki e-KZN ngoLwesithathu, kodwa abantu abanaso isiqiniseko sokuthi kunconywa bani.
Phezu kwamazwi kaCele akhazimulayo maningi amacala okubulawa kwabantu ahlobene nezombusazwe angaxazululeki esifundazweni.
Lokhu kufaka phakathi:
● Lowo owayenguNobhala-Jikelele wophiko lwentsha lwe-ANC uSindiso Magaqa icala lakhe alikaphothulwa, eminyakeni emihlanu ngemuva kokuba adutshulwe abulawe.
● Ilungu le-ANCYL uWandile Ngobeni wadutshulwa wabulawa ngowezi-2019.
● Icala lokubulala lelungu le-IFP, uSibuyiselo Dlamini, alikaphothulwa.
● Kubulawe ikhansela le-ANC esigcemeni saseMlazi uSibusiso Maphumulo ngowezi-2018.
● Ikhansela le-ANC eMtubatuba uPhilip Mkhwanazi wadutshulwa ngonyaka odlule.
● UNobhala wegatsha lophiko lwentsha lwe-ANC e-Hammarsdale uKingdom Gcabashe wadutshulwa wabulawa endlini kamngani wakhe ngonyaka odlule.
Ephendula imizwa kaCele, umfelokazi kaSindiso Magaqa uGugu, uthe usephelelwe yithemba ezinhlakeni zomthetho nakwezobulungiswa.
“Sesilinde iminyaka engaphezu kwemihlanu ukuthi bagwetshwe ababulali bomyeni wami, kodwa akukaze kwenzeke lutho,” esho.
“Kuvula amanxeba amadala emndenini wethu uma sizwa osopolitiki bekhuluma ngokushona kwakhe.”
UGugu ukholelwa ukuthi uMagaqa wabulawa ngenxa yokulwa kwakhe nenkohlakalo eMzimkhulu.
Ukubulawa kukaMagaqa kwenzeka ngemuva kokuba adalule inkohlakalo ngesikhathi kulungiswa ehholo lesikhumbuzo eMzimkhulu.
Kudala ngonyaka wezi-2017, isishoshovu uThabiso Zulu wathi ngaphambi kwekhomishini kaMoerane: “Uma amaphoyisa ezobopha abantu ecaleni likaSindiso Magaqa ngizonikhombisa ingulube endizayo.” Selokhu abasolwa baboshwa, kuze kube namuhla uZulu akakaze aphoqeleke ukuthi akhiphe ingulube endizayo.
Umngani osondelene kakhulu noMagaqa futhi oyilungu le-ANC uLes Stuta uthe kunobufakazi obuqinile bokuthi abantu ababoshiwe bayizithiyo futhi bafihla abantu bangempela ababulala uMagaqa.
UCele uthe ukhathazekile ngokubandakanyeka kwamaphoyisa ekubulaweni okuhlobene nezepolitiki ngemuva kokubanjwa kwamaphoyisa ayisithupha ngezinsolo zokuthi ayathinteka ekubulaweni kosopolitiki.
Sekube nokubikwa kokubulawa kosopolitiki okungaphezu kwama-90 okubikwe e-KZN kusukela ngowezi-2016.
UCele uthe ukubulawa kosopolitiki kwakhula ngesikhathi seminyaka yokhetho njengakulo nyaka, ngokhetho lohulumeni basekhaya olwaluzoba ngomhla zingama-27 kuMfumfu .
Umbango wezikhundla zamakhansela nezikhundla zobumeya kudalulwe njengembangela yokubulawa kwabantu.
Icala likaMagaqa lizobuyela eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu ngomhla ziyi-19 kuNtulikazi, kanti icala lokubulala ikhansela le-ANC eMgungundlovu uQashana Mchunu libuyela enkantolo ngomhla zingama-26 kuNtulikazi .