Kumnyama kweZimnyama ziphikwa imiphumela 

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Orlando Pirates iqhubekile nokwehluleka ngesikhathi ishaywa iCape Town City ngo 2-1 ngoMgqibelo kowe-Premier Soccer League e-Mother City.

Ukuhlasela kwePirates bekulokhu kuyinkinga enkulu ngesizini yayo njengoba ishaye amagoli ayishumi kuphela emidlalweni engu-15 ye-PSL, okungokwesibili ibe sezingeni eliphansi kulo mqhudelwano we-PSL.

Emizamweni yokulungisa izinkinga, iPirates iqale ngesonto eledlule yalanda umqeqeshi ohlonishwayo ngokusebenza nezihlabani ze-Premier League eNgilandi.

UScott Chickelday owayengumqeqeshi we-Tottenham kanye ne-Queens Park Rangers useyingxenye yabasizi bakaJose Riveiro.

Ngaphambi nje kokuthatha indima kwiPirates, uChickelday ubenomsebenzi wokuqeqesha uHarvey Elliott we-Liverpool, umgadli we-Aston Villa u-Ollie Watkins kanye nomgadli we-Chelsea uXavier Simons obolekwe i-Hull City.

UChickleday ubenesikhathi esincane sokucija abadlali abadlala phambili beqembu lase-Soweto ngaphambi kokuthatha uhambo oluya eKapa ngemuva kokuqala umsebenzi ngoLwesine olwedlule kodwa uzibonele ngawakhe lokho aqashelwe ukukulungisa.

Ngemuva komdlalo uRiveiro wehlulekile ukuchaza ukuthi yini inkinga ikakhulukazi esiwombeni sesibili.

“Ayikho incazelo yalokho, uma ufuna ukujula ngokuhlaziya ngicabanga ukuthi kufanele sikhulume ngamathuba esiwakhayo hhayi isibalo samagoli esiwashayayo. Ukushaya igoli kuyinto eyinkinga,” kusho uRiveiro.

Umdlali wePirates oshaye amagoli amaningi kwiligi uMonapule Saleng usashaye amagoli amabili nje kuphela.

Yize esenabagadli abayisishiyagalombili azobakhetha eqenjini lakhe, uRiveiro angaphoqeleka ukuthi angene emakethe ngoMasingana afune umgadli othembekile.

Izinkinga ezenzeka enkundleni zenze ukuthi iPirates iphinde yehle ngamaphuzu angu-18 ngemuva kweMamelodi Sundowns ezihola phambili kwiligi.

Unozinti uSipho Chaine uphinde wakhomba ukungabi namandla okuhlasela njenge nselelo iqembu elibhekene nayo.

“Njengeqembu, ngicabanga ukuthi singawathola amathuba ethu amaningi ngoba sikhanda inqwaba yawo. Uma singaguqula amathuba esiwakhayo kuzoba ngcono,” kusho uChaine.

UChickleday uzoba nesikhathi esanele sokusebenzisana nabadlali bePirates ngaphambi kokubhekana neGolden Arrows ngoMgqibelo.

Esithombeni esingenhla: I-Orlando Pirates ehlulwe ngo 2-1 i-Cape Town City ngoMgqibelo

Umthombo wesithombe: Orlando Pirates

Izihloko zakamuva