Kumnandi ukuwina kodwa nalaba abahluliwe basuke bewinile

Lucky Sithole

UVince Lombardi owayengumqeqeshi we-Green Bay Packers ngowezi-1960 uvame ukucashunwa ethi: “Ukunqoba akuyona yonke into, kodwa yikhona okubalulekile. 

Kulamasonto adlule amangalisayo kwezemidlalo ikakhulukazi eNingizimu Africa, kuhle ukucabanga ngale nkulumo.

Ukuthi izakhumuzi zaseNingizimu Africa ziyayithanda imidlalo yokubhukuda noma cha, kodwa ziyohlezi ziyikhumbula indondo yegolide etholwe nguTatjana Schoenmaker.

Abalandeli bamabhokobhoko baseNingizimu Africa angeke babenenkinga ukuphindaphinda umdlalo kaCheslin Kolbe ezama kwesithathu kumdlalo lapho eqhudelana ne i-B&I Lions bebuka indlela abenikeza ngayo ama-Passes kuLukhanyo Am lidlule liye ku Willie Le Roux iphinde iye kuKolbe. Bachazwa nangendlela adlale ngayo phambili njengomdlali ophinde abe nguKaputeni kuyancomeka.

Kulaba abakade bebuka umdlali uSchoenmaker kuyamangalisa ukuthi lona obeqeqesha naye uKaylene Corbett ukhohliwe ngendondo elahlekile kwimizuzu engama-0,005 wajabulela lona aqeqesha naye.

Kunesinye isisho esicashunwa kaningi esithi: Ngikhombise okwehlulileyo bese ngizokukhombisa owehluliwe.

Ngabe ukuba isahluleki kukwenza ube ngumnqobi?

Kuyihlazo ukuthi umdlalo wendebe yomhlaba wamabhokobhoko owenzeka ngowezi-2019 iqembu lase-England lizokhunjulwa ngokuthi lanqaba ukugqoka izindondo abazithola ngemuva komdlalo wendebe yomhlaba.

Iphinde yenzeka futhi lento yalesi simo esibi yenziwa ngumdlali wamanqindi kuma-olimpiki onguBen Whittaker oqhamuka e-Britain onqabe ukugqoka indondo yakhe yesiliva esiteji sama-olimpiki ngemuva kokuba ahlulwe nguCuban Arlen Lopez.

Angizange ngiwine isiliva ngihluleke ukuthola indondo yegolide ekusholo phansi lokhu.

Kumina kubukeka njengokuba isahluleki angeke ngiyijabulele lendondo yesiliva.

Ngenkathi ebuzwa uWarren Gatland ukuthi ibekuphi inkinga uthe akukho obekuyinkinga wase waqhubeka wahalalisela umdlali omhlulile wavuma ukuthi uhluliwe.

Edangala futhi nokuphoxeka kubhalwe ebusweni, U-Alun Wyn Jones ukhulume ngamazwi womqeqeshi odumile wamabhokobhoko wathi kwesinye isikhathi kuyenzeka uhlulwe ekugcineni, kumele ukwamukele lokho. Ngiyaziqhenya ngabafana bami badlale ngokukhulu ukuzimisela.

Okunye uzindle nge-Poem ebizwa ngokuthi i-Grantland Rice.

Ucaphune lapho khona kuthi uma umshayi wamagoli ephawula ngegama lakho, akusho ukuthi uwinile noma uhluliwe, kodwa kusuke kuyindlela odlale ngawo umdlalo.

Izihloko zakamuva